UMlando omfishane ngoMgojo

Comment on this story

UMfundisi Khoza Elliot Mbuyisa Mgojo, wazalwa ngo-Ephreli 1932 eXobho, KwaZulu-Natal. wafunda eNyuvesi yaseFort Hare, e-Eastern Cape, eyayidume ngokuthi kukwaNokholeji lapho athola khona iziqu ze-BA: kuTheology.

Uphinde wafunda eNyuvesi yaseChicago eMelika lapho athola khona iziqu zeMasters, wathola i-PhD kuTheology eHarvard University.

Ngo-1953 waqala ukusebenza njengothisha eGcilima Secondary School waba yiphini likathishanhloko eMalukazi Secondary School.

Kusuka ngo-1970 kuya ku-1992 wafundisa eFederal Theological Seminary e-Alice, e-Eastern Cape, naseMgungundlovu.

Waphinde waqokwa ukuthi ayoba nguthisha ezweni kwa-Israel, eSweden naseMelika.

Ngaphandle kwalokho ube nezikhundla eziningi ezibalulekile abeqokelwa kuzo kuleli emikhakheni eyahlukene nakwezamabandla.

UMgojo useke wahlonishwa ngokwezinga eliphezulu izikhathi ezehlukene kuhlanganisa ukuhlonishwa ngeziqu zobudokotela izikhathi ezimbili.

Phakathi kwakho wahlonishwa yiNyuvesi i-Fort Hare ngeHonorarium Rings ayithola nezinye izingqalabutho zomzabalazo, okubalwa kuzo uDkt Nelson Mandela, uSolwazi Ephraim Mokgokong, uDkt Mangosuthu Buthelezi, Robert Sobukwe, Govan Mbeki no-Archbishop Desmond Tutu.

Ushiye emhlabeni izingane ezimbili uMxolisi noNosipho, umkakhe, uNkk Stella (81) nabazukulu ababili uMalwande noVuyokazi nomakoti wendodana yakhe, uThandeka.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.