Umlilo ngeke usiphazamise Isidingo

Comment on this story
Copy of ca p3 isidingo fire done INLSA IZICISHAMLILO zizama ukunqanda umonakalo ngenkathi kungqongqa istudiyo okuqoshelwa kuso umdlalo owuchungechunge wethelevishini Isidingo ngoLwesithathu ebusuku. Izithombe: Antoine de Ras

INTATHELI YESOLEZWE

UZOQHUBEKA utshengiswe njengenjwayelo umdlalo wethelevishini Isidingo ababukeli bawo abese benovalo lokuthi ukuqoshwa kwawo kuzophazamiseka ngenxa yokusha kungqongqe istudiyo okuqoshelwa kuso lo mdlalo, odlala ku-SABC 3, ngo-7.30 ebusuku.

Izolo iziphathimandla zakwa-SABC zehlise amaphaphu ababukeli abese bezwakalise ukukhathazeka kwabo ngokusha kwalesi situdiyo esisezindlini zokusakaza zakwa-SABC.

Kulotshwe izolo kungakacaci ukuthi umonakalo uzodla le nhlangano yezokusakaza malini kodwa ngesikhathi kubikwa ngalesi sigameko kuthiwe ungaphezu kuka-R40 million.

Nembangela yomlilo wangoLwesithathu ebusuku ibingakaziwa njengoba kusaphenywa ngokuqubuka kwawo.

Izolo abakwa-SABC bathe ukuqoshwa nokubukiswa kwalo mdlalo ngeke kuphazamiseke njengoba sekunezinhlelo ezenziwe ukuqinisekisa ukuthi ukuqopha kuyaqhubeka.

Bacacise ukuthi yomithathu imidlalo ewuchungechunge yakwa-SABC, Isidingo, Generations noMuvhango iqoshwa kusasele izinyanga phambi kokuthi itshengiswe kwithelevishini futhi kusetshenziswa izitudiyo ezinhlanu ukuqopha.

“Sinezitudiyo ezinhlanu ezisetshenziselwa ukuqopha imidlalo kanti kushe esisodwa. Lokho kusho ukuthi ukudidiyelwa kwalo mdlalo kuzoqhubeka, abantu akumele bashaywe wuvalo bacabange ukuthi kuzothikamezeka ukuqoshwa nokudidiyelwa kwemidlalo ewuchungechunge abayikhonzile. Singabaphathi senza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi izinto zibuyela esimeni esejwayelekile futhi kwakhiwa kabusha ngokushesha impahla ecekelekile,” kusho uHlaudi Motsoeneng, oyi-Chief Operations Officer ebambile kwa-SABC.

Kuvele ukuthi kulindeleke inkampani edidiyela Isidingo, i-Endemol SA nabakwa-SABC kubathathe izinyanga ukubuyela esimeni esejwayelekile sokusebenza.

“Umonakalo owenzekile ulinganiselwa ezigidini zamarandi kodwa ithimba lethu eliphenyayo lizokwazi ukuveza ukuthi lo mlilo umoshe kangakanani uma sekuphothulwe uphenyo. Yilapho sizobe sesikwazi ukukhipha khona imininingwane egcwele ngalesi sigameko.”

Abakwa-SABC bathe kabangabazi ukuthi bazokwazi ukuqhubeka ukuqopha nokudidiyela njengokujwayelekile yize kushe istudiyo.

Imibiko engaqinisekisiwe iveze ukuthi umonakalo ube mkhulu kangaka ngenxa yokuthi abezicishamlilo bafike ngemuva kwamahora amathathu bebiziwe.

Akulimalanga muntu kulesi sigameko.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.