Umlingisi useyashiya kwiGenerations

Comment on this story
no khaphelaa . LIYAGCINA ngoDisemba ukubonakala kwiGenerations ihwanqa eliwuKhaphela Ngcobo (Mike Mvelase) osehlale iminyaka eyishumi kulo mdlalo owuchungechunge

DELI MNCWABE

ZIMB’ INDABA emdlalweni oyintandokazi kuleli iGenerations yakuSABC1 njengoba usuphinde wagileka ngokulaxazwa yisilomo somunye wabalingisi abaphambili.

UMike Mvelase odlala indawo kaKhaphela Ngcobo izolo kumenyezelwe ukuthi useyawushiya lo mdlalo, odlala phakathi nezinsuku ngo-8 ebusuku.

Kuvela lezi zindaba nje, bese kuvele kucaca ukuthi indawo ayilingisayo isiphelelwe ngushatini futhi isiqala nokukhonondisa ababukeli.

Ukushiya kwalo mlingisi kuzoshiya ababukeli besebumnyameni ngenxa yokuthi kasaziwa isizathu esiholele ekutheni akhethe ukuwushiya futhi nezikhu-lu zeGenerations zale ukhasha ukudalula lokhu.

Imizamo yokuthola ukuphawula kukaMike ibhuntshile kanti nabaphathi bawo lo mdlalo bebethe ngeke akwazi ukudingida lolu daba nabezindaba.

Esitatimendeni esikhishwe ngokhulumela iGenerations uNyagunda Ngwenya, ngamafuphi uMike uthe ubonga uyanconcoza kubakhiqizi bomdlalo ngokumenza ingxenye yalo mdlalo iminyaka eyishumi.

NoMfundi Vundla ongumsunguli walo mdlalo akandanga ngamaningi njengoba ethe: “Uma kubhalwa umlando weGenerations igama likaMike liyoba phezulu ohlwini njengomunye wabalingisi abenze omsebenzi oncomekayo.”

Nokho abalandeli bakhe basazozitika ngokumbona njengoba eyoze anyamalale ekuqaleni kukaDisemba nonyaka.

Kuvela ukuthi uma eseshiya uyophuma sekukubi edidekile ngesinqumo esinzima okuyobe kufanele asithathe ngempilo yakhe.

Kulezi zinsuku indawo ayidlalayo ayisahlabi umxhwele uma kuqhathaniswa nangesikhathi esafika engumsizi wasendlini kaTau (Rapulana Seiphemo).

Muva nje uphila eyokuxabana nomkakhe uKhethiwe (Winnie Modise) bebanga indlela yokukhulisa uMpilo.

Ngaphandle kokudlala kwiGenerations, uMike oqeqeshelwe ukulingisa eStudio Threatre Acting Conservatory eWashington DC, e-USA uke wadlala kwiHearts and Minds, African Skies, Ifa LakwaMthethwa, S’gudi Snaysi, Going Up, Dick Sithole neSidingo.

Nakweyeshashalazi ubengazibekile phansi njengoba edlale kwiBurning Embers, Julius Caeser neminye eminingi.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.