Umlingisi uyazifela ngeSidingo

Comment on this story
no linda sokhulu . UMLINGISI obalwa nabanye abahamba phambili kuleli uLinda Sokhulu olingisa kwiSidingo ku-SABC 3 uthi iyamthokozisa indawo ayidlalayo njengamanje kunezangaphambilini

USUKE wenze iphutha uma ulibala igama likaLinda Sokhulu uma ukhuluma ngabalingisi besifazane kuleli asebeyibekile induku ebandla. Imisibenzi iyazikhulumela kule ntokazi ekhulele eMlazi, eThekwini. Uzakhele udumo kubalandeli ngokulingisa kwiGenerations edlala indawo kaCleo, A Place Called Home (Clara), Shreds & Dreams (Lefika), Sokhulu & Partners (Pamela Thusi), Ubizo (Noma) kanti manje ulingisa indawo kaNikiwe Sibeko kwiSidingo esidlala kuSABC3 njalo ngo-7.30 ebusuku. Kulo mdlalo uyilungu lomndeni ocebile onebhizinisi, iSibeko Gold. Yena nozakwabo kulo mdlalo bazobe beseThekwini, eSun Coast & Entertainment World ngoMgqibelo ukuzohlangana nabalandeli babo. Uthathe leli thuba uSIHLE “Ngeney’ntwen” MKHIZE waxoxa naye.

Wadikibaliswa yini kwiFashion Design ongayiqedanga eNatal Technikon emuva kokuphothula uMatric eCambridge College ngo-1994?

Ngangilangazelele into enobuciko kodwa ngokuhamba kwesikhathi ngathola ukuthi iFashion Design angibizelwe kuyona. Ngase ngithi angizame ekulingiseni. Ngenhlanhla ngahamba ibanga elide nami ngithi ngizama inhlanhla. Ngathola ukulingisa emidlalweni yeshashalazi okokuqala okwakuyiMacbeth nothi Izwe Lezathini.

Nakhu manje usubalwa nabalingisi abahamba phambili. Iyiphi indawo ozigqajayo ngayo osuke wayilingisa?

Le engiyilingisa manje kaNikiwe Sibeko. Ngabe ngiqamba amanga, yiyo engiyithanda kakhulu selokhu ngaqala kule ndima.

Ukusebenza noVusi Kunene ongaconsi phansi kwabaningi ngenxa yekhono lakhe nowake wasebenza naye kwiGenerations kusho ukuthini kuwena?

Kuyisibusiso kakhulu ukusebenza nomuntu onjengaye. Ufunda izinto eziningi ngokulingisa naye. Nabanye abaningi ngiyabahlonipha.

KwiSidingo ubaba wakho omncane uJefferson Sibeko (Vusi Kunene) usayine inkontileka yokutetelwa ingane ngenxa yokuthi umkakhe akanayo inzalo. Kuthini ukuphawula kwakho ngalesiya simo empilweni yangempela?

Isimo esifuze lesiya siyenzeka. Ngokomdlalo babezotholelwa yimina kodwa ngenxa yokuthi nami angikaze ngibe nayo ingane base becela omunye. Ngingasho ukuthi yizinto ezenzekayo lezi ozibona kwiSidingo.

Uzohlala isikhathi esingakanani kulo mdlalo Isidingo?

Sizobona ukuthi kuqhubeka kanjani ngokuhamba kwesikhathi. Lo msebenzi inkinga yawo wukuthi awuzazi ukuthi uzohlala isikhathi esingakanani ngoba awuqashwa ngokugcwele.

Kuthini ukuphawula kwakho ngamaphephandaba angezimpelasonto aphuma nezindaba ezishisayo zosaziwayo?

Angiyena umuntu othanda ukuwafunda. Lokho ngakugwema kudala. Isizathu salokho, akuyena wonke umuntu ongenazo izinkinga imvamisa okubikwa ngazo kulawo maphephandaba. Mina angithandi ukuzwa ukuthi usibanibani ubhekene nezinkinga ngoba amukho ongenazo.

Ngempelasonto esiphuma kuyona abalandeli bePirates bebejabulela ukuwina indebe ye-Absa Premiership. Wena bewenzani?

Nami bengijabule nabangani bami sijabulela iBhaka-bhaka ngokunqoba kwalo.

Abanye osaziwayo bayafungwa ngasemakubo. Wena uvakasha nini eThekwini?

Kuba nzima nakumina ukuvakasha ekhaya njalo ngenxa yomsebenzi wami. Kodwa uma ngithola iholidi ngithi qu ekhaya eThe-kwini.

Sesiphetha, umi kanjani kwezothando?

Ngathatha isinqumo sokukugcina kuyimfihlo yami lokho (ehleka).


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.