MCEBO MPUNGOSE
KUPHAZAMISEKE ukuqopha ku Generations: The Legacy ngoMsombuluko nayizolo omunye wabalingisi abaqavile, uManaka Ranaka, eshayisa ebulala intombazane eneminyaka engu-18 eGoli ngoMsombuluko.
Ngokwemibiko yamaphephandaba esingisi ngoMsombuluko, lo mlingisi ushayise uMillicent Mbonambi wase-East Rand obewela kumgwaqo onguthelawayela uR554 esendleleni eya eLeondale ngemoto yakhe iBMW. UMillicent, obefunda uGrade 12 eLeondale High School, kuthiwa ushonele khona lapho. Okhulumela i Generations: The Legacy, uGaaratwe Mokhethi, uthe bafuna ukunikeza uManaka isikhathi sokuthi abhekane nadlule kukho.
“Udlula ebunzimeni njengamanje nomndeni wakhe, ngokunjalo nomndeni wentombazane edlule emhlabeni. Isithusile kakhulu le nto nathi, ngakho asikasitholi kahle isikhathi sokuhlala phansi sidingide indlela okuzosetshenzwa ngayo kodwa okwamanje sifuna ukumnikeza isikhathi,” kusho uGaaratwe. UManaka ulingisa indawo kaLucy oshushumbisa izidakamizwa ku Generations: The Legacy.
Ezinkundleni zokuxhumana kuhlukene imibono ngale ngozi. Abanye basole uManaka ngokushayela ngesivinini, abanye basola umufi ngokuwela emgwaqweni onguthelawayela.
U-IG: Lee_Mash@Mashie03 uthe, “ngicela kungasolwa uManaka Ranaka ngento ebihlelwe yile ntombazana okungukuzibulala…ineminyaka engu-18, yazi kahle ukuthi akumele uwele emgwaqeni omkhulu.”
U-Eferu@Okuhlenyalela uthe, “bozakwethu kutwitter…izingozi yinto eyenzeka kuwo wonke umuntu. Ngidlulisa umthandazo kuManaka Ranaka nomndeni wakhe ngokunjalo nomndeni wentombazane eshonile.”
Akusona isigameko sokuqala lesi esibandakanye ukushayiswa komuntu ngusaziwayo.
NgoMashi ka-2010 umrepha uMolemo “Jub Jub” Maarohanye washayisa wabulala izingane ezine eProtea North nokuyicala asalidonsela ejele n anamhlanje.
Omunye owaba sesimweni esifanayo ngumculi weJazz nomculo wokholo uJudith Sephuma ngo-2013 owashayisa owesifazane oneminyaka engu-79. UJudith wazama ukumphuthumisa esebhedlela eChris Hani Baragwanath Hospital lo wesifazane, lapho afike washonela khona.