Ummeli kaZuma usikhihle enkantolo

Comment on this story
no Copy of ST Ant JZ court 01 INLSA ANC Supporters again gathered at the Johannesburg high Court to show there support for Jacob Zuma and voice their disaproval of the painting depicting him showing his genitals. Picture: antoine de Ras, 24/05/2012

INTATHELI YESOLEZWE

UFIKELWE wusizi wakhihla isililo ummeli we-ANC ngesikhathi ephonswa imibuzo nguJaji Neel Classen ngodaba lomdwebo ohlambalaza uMengameli Jacob Zuma eNkantolo eNkulu yaseGoli izolo.

U-Advocate Gcinumuzi Malindi, ohola ithimba labameli be-ANC kuleli cala, ubebhekene nombuzo wokuthi kungani befuna lo mdwebo ususwe ku-internet yephephandaba i-City Press nanokuthi akalethe ubufakazi obubambekayo bokuthi lo mdwebo uwuphawu lokucwasa .

Ngenxa yalesi sigameko inkantolo ibe isiguqa isikhashana ngo-12 emini nokuthe ngemuva kancane kwehora lesibili yabuyela nalapho uClassen ekhiphe isinqumo sokuthi leli cala kumele lihlehliswe isikhathi angasidalulanga. Uma libuya liyobe selihlala izinsuku ezintathu ukuze lilalelwe.

Ngesikhathi ekhuluma nabezindaba uMalindi uthe ufikelwe wumunyu obengaphezu kwamandla akhe nokube isizathu esiholele ekutheni ahluleke ukubamba izinyembezi.

“Njengoba ngingomunye wabantu abazabalaza ngiyakuqonda ukuthi kunomlando kule nto eyenzekayo. Ngaphandle kwalokho siqeqeshiwe ukuthi uma sisemacaleni singawuzweli umunyu,” kusho uMalindi.

IJaji libe selikhipha umyalelo wokuthi abezindaba bangalokothi bakhiphe imifanekiso eqoshiwe kaMalindi ekhihla isililo enkantolo, ikakhulukazi abethelevishini.

Okuvelayo ngoMalindi wukuthi akasilona ivukana kwezomthetho njengoba enomlando omude nangokweziqu zalo mkhakha.

Umukelwe ngo-1995 emkhandlwini wabameli asebegogodile futhi uphinde wabamba okwesikhashana isikhundla sokuba nguMengameli wamaJaji kuyo le nkantolo abephonswa kuyo imibuzo nguClassen.

Ngaphandle kwalokho waba ngesinye seziboshwa zomzabalazo ezazidingiswe esiqhingini iRobben Island kanti yena udedelwe ngemuva kweminyaka eyishumi aboshwa.

Ngemuva kwalesi sililo uMalindi utshele abezindaba ukuthi uzizwa esesimeni esihle ukuthi angaqhubeka naleli cala.

Leli cala lifika enkantolo ngemuva kokuthi ngeSonto iphephandaba iCity Press ishicilele isithombe somdwebo kaBrett Murray oveza isitho sangasese sikaZuma sihleli obala. Lokhu kususe umsindo ezinhlakeni ezahlukene zomphakathi nalapho abantu bebethi awususwe esikhungweni sobuciko iGoodman Gallery eRosebank, eGoli, kodwa abaphathi nabameli balesi sikhungo bashaya phansi ngonyawo bathi asiyi ndawo.

Kube yilapho i-ANC ithukuthele yafaka lolu daba enkantolo ukuze iphoqe lesi sikhungo neCity Press ekutheni basisuse emehlweni omphakathi ngoba sehlisa isithunzi sikaMengameli nelungelo lakhe lokuba nemfihlo ngomzimba wakhe.

Ngesikhathi kuqhubeka leli cala amalungu kaKhongolose namadlelandawonye abekhuza iziqubulo ngaphandle kwenkantolo ecula neculo eselavalwa elithi “Dubul’ ibhunu”.

Phezu kwesililo sommeli abantu bebengaphelile amandla kodwa beqhubeka nokucula izingoma zomzabalazo bedlubhe nemifaniswano ye-ANC.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.