Umndeni wasebukhosini udidekile kufa indodana

Comment on this story
NO LACOSTA BONGANI MBATHA UMNUZ Philani Ngwenya umnikazi weLacoste, okuyindawo yobumnandi KwaMashu. Isithombe: BONGANI MBATHA

NOKUBONGWA PHENYANE noNQOBIZIZWE ZWANE

USADUNGUZA ebumnyameni umndeni woMntwana wasebukhosini bakwaZulu oklajwe ngabantu abangaziwa ehhostela KwaMashu kade ephuma endaweni yobumnandi iLacoste kulona leli lokishi kwa-E.

UMntwana Thanduxolo Zulu (35), utholwe umndeni wakhe emanxebanxeba ekhanda eduze kwaleli hostela.

Ubezalwa uMntwana uBonginkosi Zulu ohlala esigodlweni seSilo eMbelebeleni.

Ngokusho kukaMntwana uZulu usadidekile ngokufa kwendodana yakhe namaphoyisa awakabaniki incazelo ngalesi sigameko.

“Abangani bakhe laba ashone nabo noma ngingazi ukuthi yibaphi ngoba bebebaningi. Thina sibone kuhamba usuku umuntu singamboni ebaleni. Sibe sesiphuma siyofuna ngempela samthola la ngakwaMazambane eklajiwe,” kusho uZulu.

no mntwanaaa.jpg UMNTWANA uThanduxolo Zulu otholwe egajiwe ehostela lakwaMashu nabangani bakhe ababili. ISOLEZWE

Uthe baphatheke kabi ngokwehla kwalesi sigameko wathi kumele ivalwe le ndawo ngenxa yokungaphephi kwabantu.

“Sekuyisikhathi sokuthi ngempela le Lacoste yakhona ivalwe. Kade abantu befa kuleya ndawo, akuqali manje njengoba kuthiwa ngisho inkunzi idla lubi uma ubuya kuyona leya ndawo,” kusho yena. NgeSonto ekuseni kutholakale izidumbu ezintathu ngasezitolo kwaMazambane ziklajwe ngocelemba

Abantu bakule ndawo bathe lobu bugebengu benziwa ngabantu abasuka eLacoste abahlala ebhulohweni elihlukanisa lezi zindawo zombili.

UMnuz Philani Ngwenya, weLacoste, uthe akanaso isiqiniseko sokuthi abafi bashone bephuma endaweni yakhe.

Uthe ziningi izindawo ezidayisa utshwala ezikhona elokishini KwaMashu ngala kushonele khona laba bantu. akungabhekwa eyakhe kuphela.

“Angiphiki angivumi ukuthi laba bantu bebephuma la eLacoste ngoba ziningi izindawo zobumnandi abantu abazihambelayo la elokishini. Kunabantu abagadayo la ukuthi bakhona yini abenza ubugebengu nabazama ukubamba inkunzi. Kodwa nginomhlangano namaphoyisa namhlanje ukuzoxoxa ngokuphepha kwendawo yami nabaphathi basehostela njengoba ziziningi izigameko ezenzeka uma abantu bephuma la,” kusho uNgwenya.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.