Advertisement

UMnyango ucela usizo kosomabhizinisi

UMNYANGO wezaManzi usutshale imali engu-R496 million ukuze kuthuthukiswe ingqalasizinda yokuphakela izingxenye ezahlukene zeKwaZulu-Natal ngamanzi.

Ngokusho kukaNkk Bongiwe Msane oyisikhulu kulo Mnyango le mali ayenele kwazise banezinhlelo eziningi zokuthuthukisa ingqalasizinda abale kuzo indawo yaseMhlabatshane ogwini lapho bezotshala khona u-R41 million nakuba umsebenzi wakhona uzodla u-R644 million.

Unxuse osomabhizinisi nezinye izinhlaka ezisiza umphakathi ukuba zibalekelele ngoba izinhlelo zabo zizolethela umphakathi amanzi ahlanzekile. Ngaphandle kwalokhu kubuye kwavela ukuthi amanzi aseNingizimu Afrika aphephile njengoba kunohlelo lokuwahlanza olusezingeni lomhlaba.

SHOW ALL
Advertisement