Advertisement
logoSections

UMnyango ulwa nabenkohlakalo

MHLENGI SHANGASE

ZININGI izikhulu zoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ezisazomiswa emsebenzini ngenkohlakalo yohlelo lokudla ezikoleni. Kuvela ukuthi ababalelwa eshumini basengcupheni yokumiswa noma yinini.

Inhloko yalo Mnyango, uDkt Nkosinathi Sishi itshele abezindaba ukuthi njengoba kwamiswa izikhulu ezimbili ezibhekene nalolu hlelo oluhlinzekwa ngo-R1.2 billion, baningi nabanye abazomiswa maduzane.

USishi uthe inkohlakalo bafuna ukuyisiphula nezimpande esifundazweni yingakho bengathi nsi bephenya kwasani.

“Sizomisa abanye abasebenzi abevile eshumini maduzane nje. Asidlali uma sithi inkohlakalo sifuna ukuyiqeda nya yingakho sithi abenza lokhu bazalelwe yinj’ endlini,” kusho uSishi.

Lolu hlelo luphakela abafundi ababalelwa ku-2.2 million nsuku zonke kanti ngenxa yenkohlakalo edla lubi kulolu hlelo uMnyango ufuna ukufukula imifelandawonye kube yiyo ezophakela izikole.

UNgqongqoshe walo Mnyango, uMnuz Senzo Mchunu uhlale ekhala ngokuthi othishanhloko ubathola bephakele izikole ngoba banezinkampani zabo ezenza lokhu.

Lokhu akuvumelekile kanti nabanye osomabhizinisi uthola ukuthi baphakela izikole ezicela ku-70 ngosuku okuyinto egxekwa kakhulu.

USishi uthe uma bebathola benecala bazokhonjwa indlela abenza inkohlakalo wathi izigcwawu zokuqondisa izigwegwe zizonekelwa umphakathi.

“Izigcwawu zokuqondiswa izigwegwe sizozenza esidlangalaleni ngoba sifuna ukutshengisa abasebenzi abenza lokhu ukuthi le nto yabo ayivumelekile,” kusho uSishi.

SHOW ALL
Advertisement