OMPHITLHETSE MOOKI noVUYI MKIZE
O WESIFAZANE wase-Orkney, eNorth West, uthi ubesashaqwe ukuzamazama komhlaba ngenkathi ethintwa ngumakhelwane wakhe emazisa ukuthi umuzi wakhe usubhidlikile.
UNksz Ruth Molojwa uthi uphuthume erenki yamatekisi eKlerksdorp waqonda kwakhe e-Extension 6, eKhuma emva kokuthola lolu cingo.
Kubhidlike izindlu ezibalelwa ku-200 kule ndawo ngenkathi kuzamazama umhlaba ngoLwesibili emini.
Uthe usale enkemile eqeda ukwehlika etekisini esebona umonakalo osemzini wakhe.
“Ngenkathi ngehla etekisini inhliziyo yami yamane yashaya kancane,” usho kanje.
Indlu yakhe ibingabhidlikile ngendlela umakhelwane wakhe abechaze ngayo kodwa ngokuhamba kwesikhathi igcine ivithikile njengoba isisekelo sayo sigcwele imisele.
“Sesihlale kulo muzi kusukela ngo-1976. Sazakhela thina angazi sizokwenzenjani ngoba asisebenzi,” kusho lo wesimame oneminyaka engu-54.
UNdunankulu waseNorth West uMnuz Supra Mahumapelo, uthe kudingeke ashiye phakathi umhlangano ukuze aphuthume eKhume. Uthe sezenziwe izinhlelo zokusiza imindeni ethintekile.
“Kungumsebenzi kahulumeni ukusiza ezimeni ezifana nalezi. Sibonga uMdali ukuthi noma kukhona oyedwa odlulile, abaningi basindile,” kusho yena.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo kulesiya sifundazwe uMnuz Tebogo Lekgethwane uthe ayikho imibiko abayitholile yokulimala okunzima kwabangeniswe ezibhedlela emva kokuzamazama.