‘UMotlanthe akasuke esikhundleni’

Comment on this story
NO_no zuma-motlanthe1 ELMOND-JIYANE UMENGAMELI Jacob Zuma nePhini lakhe, uMnuz Kgalema Motlanthe. Umfelandawonye eKZN uthi awumdingi uMotlanthe esikhundleni sakhe ngemuva kwengqungquthela yokukhetha ubuholi obusha eMangaung ngoDisemba

SIMPHIWE NGUBANE

UMFELANDAWONYE owakhiwe yi-Cosatu, SACP ne-ANC KwaZulu-Natal ufuna ashenxe esikhundleni sokuba yiPhini likaMengameli kuKhongolose uMnuz Kgalema Motlanthe ngemuva kwengqungquthela ezobe iseMangaung ngenyanga ezayo.

Lokhu kuvele emhlanganweni wabakhulumela abasebenzi kuCosatu obuyizolo eThekwini. Amakhulu abalandeli beCosatu obekukhona kubo noMengameli wabo, uMnuz Sdumo Dlamini, aphendule lo mhlangano inkundla yokuqinisa umkhankaso kaMengameli Jacob Zuma ukuthi aphathe ihlandla lesibili kwagxekwa nalabo abangamfuni.

Umfelandawonye usola uMotlanthe ngokuthula kakhulu ngisho izinto zonakala. Kwenziwa isibonelo ngesibhicongo saseMarikana sokubulawa kwabavukuzi ngamaphoyisa okuthiwa wazithulela nokwaze kwadingeka uZuma ukuthi abuye eMozambique ezobhekana nesimo.

Abangamfuni uZuma basolwa yilo mfelandawonye ngokuhlangana kwabo namaqembu aphikisayo ePhalamende ngenhloso yokumchitha esikhundleni sakhe.

UMotlanthe ugxekelwe ukuthula kwakhe ngesikhathi kushushiswa uJulius Malema owagcina esexoshiwe kodwa ekugcineni wancamela ukutshela abezindaba ukuthi i-ANC yenze iphutha ngokumxosha.

no Copy of ND COSATU6 UMENGAMELI weCosatu, uMnuz Sdumo Dlamini, emhlanganweni wabakhulumeli babasebenzi eThekwini izolo. Bavumelane ngokuthi abamfuni uMnuz Kgalema Motlanthe kwesePhini likamengameli kaKhongolose emva kwaseMangaung. Isithombe: S'bonelo Ngcobo INLSA

Yize kunje kuvele nokuthi kukhona abantu abasabudinga ubuhlakani nobuchule bukaMotlanthe ku-ANC inqobo nje uma engekho ebuholini obuphezulu kuKhongolose.

Ilungu le-Provincial Executive Committee ku-ANC esifundazweni, uMnuz Senzo Mkhize, uthe yize bengenayo inkinga ngoMotlanthe kodwa inkinga yakhe wukuthula kakhulu nalapho kumele akhombise khona ubuholi bakhe.

“Asinankinga noMotlanthe futhi ungumholi okhaliphile kodwa uthula kakhulu. Asibafuni abaholi abathulayo ebuholini obuphezulu ku-ANC uma sekudlule iMangaung,” kusho uMkhize ethi lo mbutho usenkingeni ngenxa yabantu abajoyina i-ANC ngenhloso yokuzicebisa bona.

Uthe ngeke bakumela ukuholwa ngabantu abathulayo.

UDlamini uthe bebengamdingi uMotlanthe njengephini likamengameli yingakho baze baya kokhuluma naye. Ukhwele wadilika kuMalema nabangani bakhe ebabiza ngemidlwembe engahloniphi ethuka abantu abadala. Uthe uMalema eseyingane wayeka ukuya esikoleni ayofunda wagijimela umngcwabo kaChris Hani.

USihlalo we-Cosatu e-KZN, uBeauty Zibula, uthe uMotlanthe wenza izinto kwabona abangaziqondi. Umsole ngokuthula kwakhe kakhulu ngisho konakala izinto eqenjini elibusayo nokuphikisana nesinqumo sokuxoshwa kukaMalema.

“Sineme ngobuholi bukaZuma noMantashe, abanye abayokhethwa engqungqutheleni kumele basebenze nabo ngendlela efanele. Inkinga esibhekene nawo kulezi zinsuku u(NKK) Helen Zille osuka eCape Town ebalekela izinkinga zabasebenzi emapulazini ancamele ukuyongena izinto ezingahlangene naye ukuhlola umuzi kamengameli eNkandla,” usho kanje.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.