UMotlanthe ufake igiya eliya emuva

Comment on this story
no Copy of Copy of ca pg4 motlanthe DONE . BAKHOMBISE olunye ubumbano abaholi be-ANC ngesikhathi behalaliselana ngemuva kwemiphumela yokhetho ededelwe izolo emini eMangaung, phakathi kwabo uMengameli Jacob Zuma obeshaya ihlaya noMnuz Kgalema Motlanthe amehlulile, uMnuz Cyril Ramaphosa oseyiPhini likaMengameli, noNkk Baleka Mbete obuyiselwe ekubeni nguSihlalo

MDU NCALANE

Ebika eseMangaung

LIBUKEKA selifike esiphethweni ikusasa lobeyiPhini likaMengameli we-African National Congress kuhulumeni njengoba ehlulwe ngamavoti yimbangi yakhe ethathe ihlandla lesibili lokuhola lo mbutho oqeda iminyaka eyikhulu nonyaka wasungulwa.

Izolo ebusuku uMnuz Kgalema Motlanthe ohlulwe nguMengameli Jacob Zuma ngamavoti angu-2 983 kwangu-991 emavotini angu-3 977, unqabile ukuqokelwa esigungwini esiphezulu se-ANC, ngemuva kokuhalalisela uZuma.

Amathuba kaMotlanthe okungena esikhundleni sokuba yilungu lokwengeza kwezingu-80 ebevele engacacile.

Abahlaziyi bezombusazwe izolo baqalile ukuqagela bethi uMotlanthe uzokwesula nasekubeni iPhini likaZuma kuhulumeni ukuze adedele abanqobe noZuma ukuthi bathathe izinqumo ngabaqhubeka kuhulumeni.

Umhlaziyi wezombusazwe ozimele uMnuz Bheki Mncube uthe ukukhombisa ubuhlakani nobuqotho nokulandela imigomo aziwa ngakho uMotlanthe kumele kumholele ekutheni esule esikhundleni sakhe sokuba yiPhini likaMengameli wezwe.

“Njengoba kwasho ingqungquthela yasePolokwane ukuthi kumele kube nesizinda esisodwa samandla okuyi-ANC, kumele kube njalo namanje. Akakwazi ukuphikisana nemigomo kaKhongolose ngokuthi aqhubeke abe yiPhini likaZuma ekubeni engasekho esigungwini esikhulu senhlangano,” kuchaza uMncube.

Uthe nalaba baholi abahluliwe kumele basule ezikhundleni zabo. “UMotlanthe, uMnuz Paul Mashatile, uMnuz Fikile Mbalula noMnuz Tokyo Sexwale kumele badede ukuze banikeze ubuholi obusha bombutho noZuma ithuba lokuba bahlele kabusha ikhabhinethi ngokulandela imigomo emisha ezobhabhadiswa yingqungquthela,” kusho uMncube.

Izolo emini kuhlokome itende ngesikhathi kumenyezelwa imiphumela yokhetho lwezikhundla eziyisithupha zokuqala kuKhongolose.

UMotlanthe usukume wamxhawula wamanga uZuma ngesikhathi kumenyezelwa imiphumela, ngaphambi kokuba uZuma abizelwe esiteji njengoMengameli omusha. Indlu ibisivele ikulungele ukubongela uZuma njengoba ngaphambi kokumenyezelwa kwemiphumela bese ziqalile ukuhalalisa izithunywa. Yonke imiphumela yokhetho ivune ithimba ebeliboshelwe wuZuma, okuyinto ebinezinkomba ezinkulu zalabo abazongena esigungwini esiphezulu.

Emuva kokukhethwa kwabaholi uZuma uxwayise izithunywa ngokubaluleka kokubuyisana nokwakha i-ANC ebumbene. “Ukuncintisana nokubanga izikhundla kuyingxenye yentando yeningi ka-ANC,” kusho uZuma.

Uthe uma ingqungquthela isikhulumile kumele wonke umuntu alandele lokho.

Uthe i-ANC inezinto eziningi engazithekela kubantu kanti kumele kube yiyo ehlahla indlela ngokwenza kahle.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.