Advertisement

UMotlanthe ugqugquzele ukuvikelwa kukaKhongolose

IPHINI likaMengameli wezwe, uMnuz Kgalema Motlanthe linxuse ukuthi kuvikelwe igama le-ANC.

UMotlanthe ubekhuluma ngesikhathi amalungu ale nhlangano ethweswa iziqu ngemuva kokuphothula izifundo zepolitiki.

“Kumele nime niqine nivikele isithunzi se-ANC,” usho kanje kula malungu angu-600 abethweswa lezi ziqu ngaphansi kohlelo iWalter Sisulu Leadership Academy, eNyuvesi yaseGoli.

Unxuse ukuthi balandele ezinyathelweni zikaWalter Sisulu owayezithobile, enenhlonipho futhi elwela abantu.

Kwezinye zezinto ezifundwayo amakhono okuziphatha, umlando wakuleli nowe-ANC, imigomo namagatsha ale nhlangano.

USihlalo we-ANC eGauteng, uMnuz Paul Mashatile, uthe phambilini bekunabantu abebengakutholi lokhu kuqeqeshwa obekuyingozi.

“Kumele i-ANC ibuye eMangaung ivuselelekile. Ukuvuseleleka kufaka nobuholi obusha, kumele sibuye eMangaung nobuholi obusha,” kusho uMashatile njengoba kunengqungquthela yokukhetha ubuholi ngoDisemba.

Omunye wabathweswe iziqu, uBukelwa Dumse, uthe ubengacabangi ukuthi kuyogcina kwenzekile afunde la makhono wathi uzoqhubeka nokuthanda ipolitiki.

SHOW ALL
Advertisement