Advertisement
X

‘UMotshekga akanawo uTwitter’

MHLENGI SHANGASE

UNGQONGQOSHE weMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga, useziqhelelanisile nomuntu ozibiza ngaye ku-Twitter.

Okhulumela uNkk Motshekga, uMnuz Panyaza Lesufi, uthe uNgqongqoshe akanawo u-Twitter njengoba kukhona ovule i-account ngegama lakhe lapho ebhala khona ngezemfundo.

“Kule account kubhalwa izinto kube sengathi nguNgqongqoshe kanti sifuna ukuqinisekisa ukuthi uNkk Motshekga akekho ku-Twitter. Usebenzisa eyoMnyango ethi, @dbe_SA,” kusho uLesufi.

Uxwayise labo abasebenzisa izinkundla zokuxhumana ukuthi bamshaye indiva ozibiza ngoNgqongqoshe ngoba le account ayimele uMnyango, uNgqongqoshe noma uhulumeni.

“Abantu abavule le account abananhlonipho futhi bafuna ukungcolisa igama likaNgqongqoshe,” kusho uLesufi.

Izolo ozibiza [email protected], ubhale ku-Twitter ukuthi ucabanga ukuthi zonke izikole zibe nemitapo yolwazi ukuze othisha bangasheshi ukuphuma.

Enye yezinto ngukuthi abazali abahambise izingane zabo ezikoleni ngesikhathi ngoba izikole zodaka ngeke zizigcwalise.

Okunye obekubhaliwe ngukuthi abafundi abangayi ezikoleni ezizimele.

Ozenza uNkk Motshekga uke wabhala nokuthi uyafisa ukuthi ahlangane nowayenguMengameli wophiko lwentsha lwe-ANC uMnuz Julius Malema.

SHOW ALL
Advertisement