UNGQONGQOSHE weMfundo eyisiSekelo uNkk Angie Motshekga uyiphikile izolo imibiko yokuthi waqamba amanga ngakusho ngokuxosha owayesebenza kulo Mnyango wakhe eLimpopo uDr Anis Karodia.
UMotshekga uthe akakaze asebenzise muntu, kubandakanya noKarodia, ukuzivikela njengoba kugxekwa indlela okusingathwe ngayo udaba lokuhanjiswa kwezincwadi ezikoleni zaseLimpopo.
Encwadini ayibhalile uMotshekga uthe: “Iphuzu elibalulekile engifuna ukugxila kulo yilelo elibukeka liwumbono wabezindaba lokuthi mina ngaqamba amanga ngendlela engaxosha ngayo uDr Anis Karodia eLimpopo.
“UDr Karodia akaselona ikhanda lethimba elingenelelayo ngenxa yomyalelo engawukhipha wokuthi kumele axoshwe. UDr Karodia akazange ashiye eLimpopo ngoba ethanda.”
Uthe akakaze athi uKarodia akabekwe njengomuntu odale inhlekelele yezincwadi eLimpopo. Uthi lokhu wakusho esithangamini sabezindaba eLimpopo, la ethi wathi khona uyakwamukela ukuthi kumele alithwale icala lezinkinga zokuhanjswa kwezincwadi kulesi sifundazwe.
UMotshekga uthe umbono wephephandaba eliphuma ngeSonto iCity Press umveze njengomuntu obefuna ukuvikela isithunzi sakhe esebenzisa abanye abantu.
“Umuntu okubhalwe ngaye kwiCity Press akuyena lo engizazi nginguye.
“Ngenxa yeminyaka yami akusekho engingakwazi ngami, ngakhoke iCity Press noKarodia bashaye eceleni ngalezi zinto ezimbi abathi ngizenzile nabathi ngingazenza.”
Uphonse inselelo kuKarodia ukuthi aphumele obala asho ukuthi washiya umnyango ngobe ethanda noma waxoshwa.
UMotshekga ubuye wabeka izizathu ezamenza waxosha uKarodia yize eke wathi ngeke aziveze. ICity Press yabika ngoJuni 24 ukuthi uMotshekga akazange amxoshe uKarodia, yize ayetshele abezindaba ukuthi nguye omxoshile. Ngokusho kwaleli phephandaba uMotshekga wasola uKarodia ngokwehluleka komnyango ukuhambisa izincwadi eLimpopo. – Intatheli yeSolezwe