ZODWA NDABA, NONTUTHUKO NGUBANE noMTHOKOZISI MNCUSENI
U ZOHLEKA yedwa uma eseya ebhange umpetha weComrades Marathon njengoba ezohlafuna isigidi esiphelezelwa wu-R90 000 ngaphezulu ngenxa yokuphula irekhodi.
UDavid Gatebe (35), ophenduke injinga ngosuku osebenza ophikweni lwezeMidlalo emayini iMpala Platinum eRustenburg, uthe ubengakazi ukuthi uzojabula kanjani ebonga ukunqoba nokuthi imali uzoyisebenzisa kanjani.
Ngokuphula irekhodi uthole u-R400 000, ukudla umhlanganiso uthole u-R400 000, ukuba umuntu wokuqala wakuleli ukuhamba phambili u-R190 000 bese uMnyango wezeMidlalo kuleli oholwa uMnuz Fikile Mbalula umnikeze u-R100 000 wesihle ngaphezulu.
UGatebe, ogijimela iqembu i-Tom Tom, uthe akukacaci ukuthi uzobhiyoza kanjani emuva kokudla umhlanganiso.
“Angiyena umuntu ozikhonzile izinto zokubhiyoza, angazi ngizokwenzani ngaphandle kokujabula nomndeni wami, iqembu lami engigijima nalo kanye nomqeqeshi wami. Ngemali ngisazobona ukuthi ngenzani,” kusho uGatebe.
Uthe ubonga kakhulu inkosikazi yakhe ngokumvumela ukuthi ayoziqeqesha ayishiye nezingane zabo ezimbili.
“Ngihambe izinyanga ezimbili ngingekho ekhaya ngiziqeqesha, inkosikazi yami ibehlezi ingiseka. Usala ekhaya nezingane uma ngigxile ekuziqeqesheni. Yize umndeni wami ungekho lapha kodwa ngiyazi ukuthi uyaziqhenya ngami,” kusho yena.
Ubonge wanconcoza nakumqeqeshi wakhe, uJohn Hamlett, ngokumqeqesha ngendlela.
“Umqeqeshi wami ukhiphe ompetha nami benginengcindezi yokuba ngenze kahle,” kusho yena.
Esithangamini nabezindaba uthe umqeqeshi wakhe uke wamkhuza ngokulokhu exoxa noLudwick Mamabolo ngoba “yisitha” sakhe.
“Umqeqeshi wami uthe ngixoxani nesitha sami ngase ngiyamtshela ukuthi ngenza njengenyoka ngixoxa naye kodwa ngizomluma bese ngiyamshiya,” esho ehleka.
Ngo-2013 unqobe iTwo Oceans Marathon.
Kwabesifazane kuphume phambili uCharne Bosman wakuleli.
Imali yabaphume phambili kwabesilisa nabesifazane:
Position 1 R 400 000 R 400 000
Position 2 R 200 000 R 200 000
Position 3 R 150 000 R 150 000
Position 4 R 75 000 R 75 000
Position 5 R 60 000 R 60 000
Position 6 R 36 000 R 36 000
Position 7 R 32 000 R 32 000
Position 8 R 27 000 R 27 000
Position 9 R 22 000 R 22 000
Position 10 R 18 000 R 18 000