Umqeqeshi omusha weBafana kusasa

Comment on this story
no sun Gallo Images Robin Peterson

MTHOKOZISI MNCUSENI

LIYOTHI liqambe lizilahla kunina elakusasa iBafana Bafana iyobe isinomqeqeshi omusha, ngokusho kukaRobin Peterson (osesithombeni) oyisikhulu esiphezulu seSouth African Football Association (Safa).

Nakuba kwakuqalwe bebahlanu abaqeqeshi abebezohlolelwa lo msebenzi ovele ngokuxoshwa kukaPitso “Jingles” Mosimane kodwa umjaho usuphakathi kukaGordon Igesund noSteve Komphela emva kokukhishwa kuka-Ephraim “Shakes” Mashaba, Neil “Mokoko” Tovey noGavin Hunt.

Njengoba iSafa yayithembisile, uPeterson uthe akukho zinguquko kulokhu abebekushilo ngakho-ke izwe lizolala selimazi umqeqeshi walo omusha.

Ebuzwa ngokuhlukana phakathi kwezikhulu zeSafa ngalaba baqeqeshi, uPeterson uthe abasho lokhu bamane bayazikhulumela nje.

“Ayikho into enjalo. Konke kuhamba ngendlela esihlele ngayo. Konke sizokuqeda ngoMgqibelo njengoba sasithembisile. Sihlele ukumemezela ngehora lesihlanu. Abaqeqeshi ababili abasele emjahweni bazophinde bavele phambi kwethimba lethu elisihlolela umqeqeshi lapho bezophinde bazidayise okokugcina bese kuthi ngemuva kwalokho sihlangane senze izibalo zethu bese kuthi ntambama simemezele,” kusho uPeterson.

Unzima umsebenzi ohlalele umqeqeshi omusha weBafana, kwazise emdlalweni wakhe wokuqala uzobe ebhekene neBrazil ngoSepthemba 7 noma 11 enkundleni esazomenyezelwa kodwa ngeke ube kuleli.

Ngemuva kwalo mdlalo umqeqeshi omusha weBafana uzophinde abe nomdlalo neqembu lase-Afrika kodwa lowo mdlalo uzokuba sekhaya ngosuku olusazomenyezelwa.

ISafa isanda kukuqinisekisa nokuthi iBafana izovakashela iPoland engelinye lamazwe angosokhaya bemidlalo ye-Euro 2012 lapho izofike idlale khona owobungani nayo ngo-Okthoba 12 iphinde igadulisane nelinye futhi lase-Afrika ekhaya ngo-Okthoba 16.

Le nhlangano isanda kumemezela nokuthi iqembu lesizwe lakuleli lizokhiphana amakhizane nompetha base-Afrika iZambia ngoNovemba 14 kuleli ngaphansi kweNelson Mandela Challenge ngaphambi kokuqala amalungiselelo e-Afcon ezokuba kuleli ngoJanuwari wonyaka ozayo.

Ukumenyezelwa komqeqeshi weBafana kusasa kuzobe kubhekwe yibo bonke abathandi bebhola bakuleli njengoba nabo behlukene phakathi ngozothatha phakathi kuka-Igesund noKomphela yize iningi lihamba nomqeqeshi weMoroka Swallows (Igesund).


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.