Umqeqeshi uselahle ithemba ngoTenge?

Comment on this story
no teng teng Gallo Images UNONI Tenge (kwesokudla) etholene phezulu noDaniella Smith waseNew Zealand bebanga ibhande le-welterweight eCarnival City ngoJuni 11 nyakenye. Isithombe: GALLO IMAGES

ZAKHELE XABA

ILAHLISA ngethemba inkulumo yomqeqeshi kaNoni “She Bee Stingin” Tenge okunovalo lokuthi angase ephucwe isococo se-IBF Female welterweight osekuphele unyaka engayitholi impi yokusivikela.

Yize uBoy Boy Mpulampula ekuveza ukuthi ayikho incwadi esithunyelwe yi-IBF ebanqumela ugwayi katiki ngebhande kodwa uzwakale eseliphonsile ithawula ngokugcina isicoco sokuqala se-IBF kwabesifazane kuleli. UTenge wanqoba leli bhande ngoJuni 11 nyakenye ehlula uDaniella Smith waseNew Zealand empini eyayiseCarnival City, eGoli. Kwakuthiwa uzosivikela ngoMashi.

“Uma lihamba ayikho into esingayenza, kulungile. Sizoqala phansi sizame ukulwela elinye,” kusho uMpulampula obuye aqeqeshe umpetha womhlaba uNkosinathi “Mabere” Joyi.

“Kuze kube yimanje alukho usuku lwempi esisatshelwe lona. Noma sixhumana nophromotha (Branco Milenkovic) ayikho into ecacile asitshela yona.”

Ukhuluma kanjena nje, uMpulampula kunezindaba zokuthi ngasekuqaleni kwesonto bekufanele igunya lokusingatha le mpi libangwe esidlangalaleni ngoba uMilenkovic waphumela obala ngokuthi akanayo imali eyanele. Lo phromotha ukhala ngokuthi izimpi azivezwa kuthelevishini futhi yize uTenge ephakamisa izwe laseNingizimu Afrika kodwa akekho ofuna ukuphonsa itshe esivivaneni ukumelekelela okuhlanganisa uhulumeni.

“Ngizwile ukuthi bekufanele libangwe ngoJuni 25 kodwa angikholwa ukuthi kunjalo. Ngicabanga ukuthi ubemane ethusa uhulumeni nje. Okwamanje akukho okuphathekayo esitshelwe khona,” kusho uMpulampula.

UTenge wenqabile ukuphawula ngesimo abhekene naso sokulahlekelwa yibhande aqophe ngalo umlando kuleli. Nangesikhathi enqoba nyakenye abathandi besibhakela kuleli bezwa ngendaba njengoba impi yakhe yayingakhonjiswa kuthelevishini.

Kwenzeka lokhu nje, nompetha we-IBO uTshifhiwa Munyai ubhekene nokufanayo njengoba sekuphele unyaka engasivikeli esakhe. Utshele leli phephandaba emasontweni adlule ukuthi uselindele noma yini ngebhande lakhe alijulukela kanzima. Sekungumlando ukuthi uMzonke “The Rose of Khayelitsha” Fana wayengumpetha we-IBF aphucwe yona engayivikela-nga. Kwehlula noma eseyokhala kuNgqongqoshe wezeMidlalo uFikile Mbalula neBoxing South Africa (BSA) kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Watshelwa yiBSA ukuthi akayeke ukukhalela ubisi oseluchithekile kodwa abuyele ejimini.

Imizamo yokuthola uvo lukaMilenkovic ayiphumele-langa njengoba ebengayiphendulanga imibuzo abethunyelelwe yona.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.