Advertisement
X

Umqeqeshi weZambia uqwashisa iBanyana

MALIBONGWE MDLETSHE

noNONTUTHUKO NGUBANE

UKAPUTENI weBanyana Banyana u-Amanda Dlamini neqembu lakhe kuthiwa kumele babhukule uma befuna ukwenza kahle kuma-Olympics eLondon ngenyanga ezayo.Isithombe: GALLO IMAGES. Credit: Gallo Images

UXWAYISA iBanyana Banyana ngobunzima engahle ibhekane nabo kuma-Olympics uma ingaqinisi unyawo u-Enala Simbeye, ongumqeqeshi weqembu lesizwe labesimame laseZambia.

Lo mqeqeshi uphawule kanjena ngemuva kokuba amaChipolopolo Queens ethelwe umpentshisi ka 2-1 yiBanyana ngempelasonto.

Lo mdlalo bekuwumlenze wesibili wokuhlungela ukuya ku-African Women’s Championships ezodlalwa ngamazwe ayishiyagalombili ase-Afrika e-Equatorial Guinea ngoNovemba.

USimbeye uthe nakuba iBanyana izinenebule ngo 6-2 sekuhlanganiswe imilenze yomibili, ezakhe kodwa iqembu lakuleli kuzomele lizikhandle ngokuphindiwe kuma-Olympic Games eLondon ukuze lihambe ibanga elide.

“Ngiyababongela ngokuzibekisela indawo nase-Equatorial Guinea. Badlala ibhola elihle kodwa bazothwala kanzima kakhulu kuma-Olympics. Iqembu labesifazane laseZambia lisafufusa kodwa indlela elibathwalise kanzima ngayo emdlalweni wangoMgqibelo ikhombisa ukuthi kusekuningi okufanele bakwenze,” kusho uSimbeye.

Kulo mdlalo kuhlaluke ukuthi izinga leBanyana beliphansi kangangokuthi noMkhonza akakufihlanga lokhu.

“Kancane siyasondela lapho esifuna khona kodwa umdlalo wangoMgqibelo awungigculisanga neze phezu kokuba sishaye amagoli amahle sazibekisela kalula indawo e-Equatorial Guinea. Ngikhathazekile ngokuthi asishayanga amagoli amaningi nangendlela ebesilula ngayo. Sisazosebenza nokho ngoba sisazongcweka okwesibili neNigeria yona ezosinika umdlalo onzima ngoba nobulula bezimbangi buyalehlisa izinga leqembu,” kusho uMkhonza.

Akukhona okokuqala ukuba iBanyana ithole ukugxekwa ngamaqembu esuke idlala nawo.

Umqeqeshi waseGhana naye usanda kukhala kakhulu ngokunona kwabadlali beBanyana emuva komdlalo wabo neqembu lakuleli owaphelango1-1 kwaze kwayiwa kumaphenathi lapho kwagcina kuwine iBanyana.

Nokho uSimbeye uthe izoyibeka kuzwakale induku ebandla iBanyana ngoba izoya yazi kahle i-Afrika eseningizimu izobe iyeseka.

“Ngeneme ngokuthi sizobe simelwe kuma-Olympics njenge-Afrika eseningizumu, bona nokho kumele baye beyozidlalela bazinikele ukuba bafunde okuningi ngezinga lebhola lomhlaba,” kuphetha uSimeye.

IBanyana neCameroon amaqembu ase-Afrika azibekisele indawo kuma-Olympics azoqala ngoJulayi 27.

SHOW ALL
Advertisement