HELEN HERIMBI
I-SOUTH By Southwest eyaziwa ngeSXSW yifestivali yaseMelika egxile emculweni, amafilimu nokwakha ubudlelwano.
Abantu bagcwala e-Austin, eTexas ukuyohlangana nabamafilimu, beyothola ngobuchwepheshe besimanje, ukuyocobelelana ngolwazi nokuyobuka abaculi abasha basezindaweni ezahlukene emhlabeni.
Kulo nyaka, abaculi abambalwa bazobamba iqhaza kufestivali yomculo ezoba ngoMashi 15 kuya kuMashi 20.
I-Independent Music Exporters South Africa (Imexsa) okuyinhlangano engangenisi inzuzo esebenza ngokuthuthukisa abaculi baseNingizimu Afrika futhi ibathuthukise ngokuthumela abaculi bakuleli iyona enesandla ekuthumeleni ithimba labaculi elizonandisa kuSXSW.
U-Elo, Moonchild, Le Mpendulo noFortune bazobe bekhombisa ngomculo wabo. Bebeyingxenye yeMusic Week ye-Imexsa ngonyaka odlule.
Laba baculi bazohamba ngoMashi 11 babuye ngoMashi 21.
Ngokwesitatimende, “Inhloso enkulu ye-Imexsa wukuthuthukisa nokunyusa isibalo sabaculi abathumela umculo wabo ngaphandle bakuleli ngokuthola amathuba okuhwebelana nokusiza izinkampani ukuthi zisebenzise lawo mathuba.”
Kule minyaka eyisikhombisa ikhona, i-Imexsa ithumele abaculi emicimbini iMidem eFrance, Canada Misic Week eToronto, Primavera Pro eSpain, Popkomm eGermany, Womex e-UK neminye,
I-Imexsa ingabahambisa abaculi abasebancane kuSXSW kodwa akusibona kuphela abazohamba njengoba noK.O owaziwa njengenxusa leskhanda ezoba khona.
Uzobe enandisa kuSounds From Africa lapho ezoshiyelana khona inkundla noDavido, Fuse OGD no-Iyanya.
UK.O uyena yedwa umculi wakuleli ozonandisa lapha.
“Kusukela ngo-2015 uhlelo lwami bekuwukukhulisa igama lami ngaphandle kwakuleli. Sibone ukuthi ngo-2015 bese sifinyelele esiphethweni ngesingakwenza kuleli. Yingakho usibone siya empumalanga ne-Afrika nase-UK. Abantu ababengihlangisela uhambo lwami lwase-UK yibona futhi abangihlanganisele olwaseTexas,” kusho uK.O.
Uthe uzobuye acule nakwezinye izindawo eMelika. Abalandeli bakhe bakuleli bangalindela iculo lakhe elisha ngenyanga ezayo okusho ukuthi i-albhamu entsha isiseduze.