MCEBO MPUNGOSE
U MSAKAZI ongaconsi phansi weNqubeko FM, uSlindile Ndlovu, uthi kumkhulisile ukulalela abantu bekhuluma ngezinkinga zabo emsakazweni. USlindile (31), osakaza uhlelo iSakha iKhaya Mkhaya olungena ngo-9 kuya ku 12 kulo msakazo uthi esafika kulo msakazo wayephuma ekhihla esikaNandi ngenxa yezinto ayezizwa kubalaleli.
“Ngangibuyela ekhaya umoya wami uphansi, ngihluleka ngisho ukuzibamba emva kwazo zonke izinkinga abantu ababexoxa ngazo bengithinta emsakazweni,” kusho yena.
Lo msakazi owaqala ukusebenza esiteshini nyakenye ngoMeyi uthi into eyamsiza aqine, ngabantu abakhulile asebenza nabo esiteshini okuyibo abamfundisa ukuthi angabhekana kanjani nezinkinga azitshelwa ngabantu. Uthe lokho kwamsiza ekutheni naye akwazi ukupholisa inxeba lokudlula kukanina okwenzeka ngonyaka ka-2012.
“Kwaba lukhuni kimi ukudlula kuleso simo. Yonke into yasala ezandleni zami emva kokushona kwakhe. Kwadingeka ukuthi nginakekele izingane zakwethu kanye nendodana yami ayayisencane,” kusho uSlindile okhule eNazaretha, eWasbank. Le ntokazi iphothule u-matric ngo 2004 eSiphimfundo High School. Emva kwalokho yenza izifundo zeRetail ngeLearnership yaseSeta. Udalule ukuthi empeleni nakuba esewuthanda umsebenzi wakhe manje, akukaze kube yiphupho lakhe ukusebenza emsakazweni.
“Ngangihlezi ekhaya ngingasebenzi, ngezwa kuthiwa kunesiteshi esinenhlolokhono sifuna abasakazi. Ngalandela yonke imiyalelo ayayibekiwe ngathumela izinto zami. Bangibiza bathi bafuna ukungiqeqesha, ngabe sengingena kanjalo emsakazweni kodwa akukaze kube yinto engakhula ngithi ngiyazifela ngayo, manje sengiyithanda kakhulu,” usho kanje.
Uthe esakhula wayenesifiso sokusebenza nabantu ngokwenza umsebenzi wabezenhlalakahle okuyinto ecishe ifane nayenzayo manje ngoba uxhumana nabantu abanezinkinga. Uthe ngesikhathi sakhe uyathanda ukuhlala ekhaya nomndeni, babuke izinhlelo zethelevishini ezihlukene, uma kungenjalo basuke besesontweni. Uthe uyazifela ngomculo we-gospel kanti kwezemidlalo uthi ungumlandeli wokuqina waBafana basePhefeni, iKaizer Chiefs.