MLUNGISI GUMEDE
SEKUQUBUKE umsindo ngethenda yezigidi yokugada izibhedlela KwaZulu-Natal ngemuva kokuthi izinkampani ebezinenkontileka yokwenza lo msebenzi noMnyango wezeMpilo esifundazweni zikhala ngokuthi zishaywe ngesithende lapho sekukhishwa umsebenzi omusha.
Lezi zinkampani zithi ayikho neyodwa inkampani endala ethole ithenda kulo msebenzi omusha kodwa kuthathwe izinkampani ezintsha zodwa.
Ezimbili zalezi zinkampani ezikhala ngokushiywa ngaphandle kuthiwa sezifake isimangalo osekuholele ekutheni kume nse lonke uhlelo ngisho nokuqala umsebenzi.
Izinkampani ezintsha bekumele ziqale umsebenzi ngoNovemba nyakenye kodwa uhlelo lwamiswa.
Umnikazi wenye yalezi zinkampani okhulume ne Solezwe kodwa wacela ukuthi angadalulwa ngoba engafuni ukuzonela igama angaphinde awuthole umsebenzi, uthe kubaphethe kabi ukuthi akekho noyedwa ezinkontilekeni ezisanda kuphela othole umsebenzi kwithenda entsha.
“Siyasola ukuthi ukhona umkhonyovu owenzekile ngoba zonke lezi zinkampani ezithole umsebenzi asizazi kubukeka kuyizinkampani ezintsha emkhakheni wezokugada,” usho kanje.
Uthe bathole ukuthi lezi zinkampani kukhona ezikwenzile okuwumkhonyovu ukuze zinikwe umsebenzi.
“Kukhona okushaya amanzi kule nto ngoba ngaphambi kokuba uphume umsebenzi omusha njengezinkampani ebezisebenza bekumele sitshelwe ukuthi kuzophuma umsebenzi sibuzwe ukuthi siyafuna yini ukuqhubeka, kodwa lokho akuzange kwenzeke,” usho kanje.
Esinye isikhulu salezi zinkampani ezikhalayo naso esingathandanga ukudalulwa sithe kukhona nenhlese yepolitiki ngokukhishwa kwabo.
“Lezi zinkampani ezithole umsebenzi sizwa kuthiwa beziseka ngezimali uhlangothi oluthile ngesikhathi kuqhubeka umkhankaso wengqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal,” sisho kanje.
Isolezwe lithole ukuthi ithenda yokugada izibhedlela iba yiminyaka emithathu bese iyavuselelwa.
Izinkampani ebezithole umsebenzi inkontileka yazo esanda kuphela ziyaqhubeka nokusebenza, izinkontileka zazo zivuselelwa njalo ngenyanga.
Umthombo uthe ezikhungweni zoMnyango wezeMpilo ezigadwayo kubalwa nemitholampilo.
UPhiko lwezokuXhumana eMnyangweni wezeMpilo KwaZulu-Natal luthe ngeke luyiphendule imibuzo ebeliyithunyelelwe yi Solezwe ngalolu daba lwethenda yokugada izibhedlela ngoba abakhalayo bayayazi imigudu okufanele bayilandele.