INLSA
uMnuz Chris Mahlangu ongomunye wabasolwa ngokubulala uMnuz Eugene Terre'Blanche eseNkantolo yeMantshi eVentersdorp. Isithombe: Antoine de Ras
UMFANYANA obhekene necala lokubulawa komholi we-AWB uMnuz Eugene Terre’Blanche uphikile ukuthi nguyena owasayina esitatimendeni esenziwe emaphoyiseni.
UMnuz Zola Majavu, omele lo msolwa (eligodliwe igama lakhe ngenxa yobuncane beminyaka yakhe), izolo uthe lo mfana uyaphika ukuthi nguyena owasayina.
UMajavu ubephonsa imibuzo iphoyisa elingu-Lt-Col Frans Jacobs eNkantolo eNkulu eVentersdorp.
Umsolwa nomunye ongumsebenzi wasepulazini uMnuz Chris Mahlangu basolwa ngokushaya uTerre’Blanche aze afe emzini wakhe osepulazini eNorth West ngo-Ephreli 2010.
Bobabili bawaphikile amacala okubulala.
UMahlangu uthe yena wayezivikela. Umsolwa osemncane yena uzihlangulile wathi akathinteki kuleli cala.
UJacobs, owahamba nomsolwa osemncane ukuba ayokhomba indawo yesehlakalo, izolo ubuze lo msolwa ukuthi ngabe nguyena yini owasayina isitatimende, umsolwa wavuma wathi yisandla sakhe phezu kokuba ummeli wakhe ethe uyaphika.
Unina kamsolwa naye ubuziwe ukuthi isithupha esigxivizwe esitatimendeni ngesakhe yini, wavuma wathi ngesakhe, wagxiviziswa njengomzali ngoba umsolwa usemncane.
|
|
Services