Umsubathi uthembisa ukuyiqeda iComrades

Comment on this story
no moyyo . USAMKELISIWE MOYO ongumpetha kwezokugijima ubheke ukuqeda iComrades Marathon yakhe yokuqala kulo nyaka. Isithombe: ENOS MHLONGO

UMPETHA wemijaho eyahlukene kuleli nakwamanye amazwe ase-Afrika ufuna ukuqeda iComrades Marathon okokuqala ngqa kulo nyaka.

USamkelisiwe Moyo (38) waseZimbabwe ufuna ukwenza into yamehlo kulo nyaka kwazise akawuqedanga lo mjaho ngonyaka odlule egijima okokuqala ngenxa yokukhathala komzimba. Lo msubathi usezakhele igama njengoba esanda kuphuma indawo yesihlanu kwi-Two Oceans Marathon eKapa muva nje, waqopha isikhathi sika-3:49:00. Waba ngumpetha kwi-City to City Marathon ngo-2008, nakwi-Cape Town Marathon. UMoyo uphinde wathatha isicoco kwi-Gabarone City Marathon (2:48:00) ngenyanga edlule.

“Inhloso yami enkulu nge-Comrades ukuba ngiyiqede. Angibhekile ukuthola igolide kodwa ngifuna ukuqeda umjaho. Angikaze ngiyiqede iComrades, ngaba nenkinga yokukhathala ngokweqile ngonyaka odlule. Ngaphoxeka kakhulu ngokungaqedi. Kulo nyaka nakanjani kumele ngiwuqede umjaho,” kusho uMoyo.

I-Comrades yakulo nyaka izosuka eMgungundlovu iphele eKingsmead Cricket Stadium, eThekwini ngoJuni 3.

Abesifazane base-Afrika bahlezi begqoza kulo mjaho njengoba abangaphandle behlezi beziklabela ibhece kuwo.

Amawele akaNurgalieva, u-Olesya no-Elene asephume phambili cishe iminyaka eyisishiyagalombili kulandelana kwi-Comrades.

UMoyo uyayivuma inselelo ephonswa yilezi zintokazi zase-Russia, kubona njengabasubathi besifazane base-Afrika nathi kusengumqansa ukuqhudelana nabo emabangeni amade.

“Kusenzima ukuhlula amawele. Ahlezi ezilungiselela ngendlela, ayakhombisa nokuthi awajwayele amabanga amade. Yize kunjalo ngeke sathi akekho oyoke awashiye, kudingeka abasubathi besifazane base-Afrika bezithwese ijoka lokuzilungiselela ngendlela i-Comrades. Uma unesifiso sokuwina umjaho, ayikho into engakuvimba ukuba leso sifiso sigcine sifezekile ngelinye ilanga,” kusho uMoyo.

Umjaho wakulo nyaka uzobe ubaluleke kakhulu nekubhekwe ukuba kuphulwe amarekhodi kuphinde kuqoshwe izikhathi ezingconywana kunalezo abasubathi abazenzile ngokudlule.

UMoyo uthe kade awaqala amalungiselelo alo mjaho, uthemba ifomu yakhe enhle yakamuva ukuthi izomusiza.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.