UMthethwa usukumela ubugebengu

Comment on this story
no nathih01 ABENGAZIBEKILE phansi amaphoyisa ehambisana noNgqongqoshe wamaphoyisa UNathi Mthethwa emisa kwasani bebheka nabagibeli bamatekisi kwisivimba mgwaqo e-Edendale izolo. Isithombe: SHAN PILLAY

NONTUTHUKO NGUBANE

UFUNA ukuqeda isibalo esiphezulu sobugebengu eMgungundlovu nasesifundazweni sonkana uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli uMnuz Nathi Mthethwa obevakashele leli dolobha izolo.

UMthethwa uthe inhloso yakhe enkulu ngokuhambela inhloko-dolobha yesifundazwe ngukuzoqapha isimo, ukubheka ukusebenza kwamaphoyisa nokubhunga nomphakathi ukuze kutholakale isisombuluko ngezinga lobugebengu eliphezulu.

Kubekwe izivimba- mgwaqo ezindaweni ezehlukene ezingu-15 eMgungundlovu izolo.

UNgqongqoshe utshele Isolezwe ukuthi ngokwezibalo zobugebengu bathole ziphezulu kakhulu, wathi ufuna ukulwa nabo.

“Sithole izingqinamba eziningi ezivela kuleli dolobha eMgungundlovu. Ukuntshontsha, ukubulala, ukugqekeza nesibalo esiphezulu sobugebengu obenziwa ngabantu bokufika. Sibone kufanele kube ngezinye zezindawo esizihluphayo ngazo. Ukuza kwethu lapha sithemba ukuthi abantu bazowabona amaphoyisa enza umsebenzi wawo, babe novalo lokwenza ubugebengu. Sifuna ukubuqeda nya ubugebengu kule ndawo,” kusho uMthethwa.

no nathih00 IZIKHULU zamaphoyisa zamukela uNgqongqoshe uMnuz Nathi Mthethwa e-Edendale lapho bekunesivimbamgwaqo. Kusukela ngakwesokunxele uKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni u Mmamonnye Ngobeni, u Nathi Mthethwa, umphathi wesiteshi sase Plessislaer Mandla Gwala noCol. Gopz Govender osebenza ePlessislaer. Group

Uhambo lukaNgqongqoshe luqale esiteshini samaphoyisa esisedolobheni nalapho echithe isikhathi eside evalelene nezinye izikhulu zamaphoyisa nabangakuvezanga ukuthi bebexoxani.

Ube esehambela ePlessislaer lapho bekuvinjwa khona izimoto, emuva kwalokhu ube esevakashela isiteshi esithathwa njengesikhulu eMgungundlovu kwazise sisebenzela izindawo eziningi ezingamalokishi.

“EPlessislaer iyodwa kuboshwe abantu abangu-118 emasontweni amabili kuphela. Amacala angu-90 kuwona ngathathwa njengamakhulu kakhulu. Lokhu kukodwa kuveza ngokusobala inkinga yobugebengu esibhekene nayo,” kusho uMthethwa.

Ukuvimba kwasani emgwaqweni bakushayele ihlombe abanye abagibeli yize abanye bebekhala ngokuthi kubamoshela isikhathi.

UMnuz Philani Ngcobo wase-Edendale obehamba ngetekisi ukuncomile ukusebenza kwamaphoyisa ngalesi sikhathi samaholidi.

“Enza kahle impela amaphoyisa uma esibheka ukuthi siphetheni ematekisini khona sizohlale siphephile,” kusho uNgcobo.

Bekubhekwa izikhali, izibhamu, insangu nokunye okuyingozi okuphathwa ngabashayeli nabagibeli.

UNgqongqoshe usazohambela ezinye izindawo esifundazweni nalapho kulindeleke ukuba ahlole isimo sokusebenza kwamaphoyisa nomphakathi.

Kusasa kulindeleke ukuba aye eManzimtoti naKwaMashu.

Kwezinye izindawo uthe uzovele atheleke engalindelwe ngoba inhloso yakhe ngukuhlola isimo sokusebenza nokubheka ubugebengu ezindaweni ezahlukene.

UMthethwa uphinde waqinisekisa ukuthi izivimbamgwaqo zisazoqhubeka noma isikhathi sikaKhisimusi sesidlulile.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.