INTATHELI YESOLEZWE

KUQHUME isililo kwavuka umunyu emindenini yabasebenzi basemayini yaseMarikana, eNorth West, iLonmin abebeyingxenye yababhikishi ngesikhathi iphindiselwa emuva ngoba izihlobo zayo zingatholakali ohlwini lwabashonile nabalimele.

Le mindeni itshelwe ukuthi ayibuye namhlanje iqhubeke nokubheka izihlobo zayo.

Khona izolo uMengameli Jacob Zuma umemezele izinsuku eziyisikhombisa kusuka namhlanje njengezokuzilela ababe yizisulu zesibhicongo sakule mayini nesalabo ababulawe eMsinga abebengamalungu eSikebhe.

UZuma uthe kusuka namhlanje amafulegi azo zonke izakhiwo ezikuleli nezangaphandle kufanele andizele phansi kuzilelwe abafi. Usuku lokuzila luzoqala namhlanje luphele ngeSonto mhlaka 26 Agasti .

Esibhicongweni saseLonmin kufe abangu-44 kwalimala abangu-78.

EMsinga kushone amalungu eSikebhe ayisikhombisa eyofuna imfuyo eyebiwe eMahlaba.

UZuma uqoke usuku lwangoLwesine (Agasti 23) njengolusemthethweni okuzokhunjulwa ngalo abashone ezehlakalweni zanoma yiluphi udlame ukuze kugqugquzelwe ukuthula.

Uphinde waqoka ikomiti loNgqongqoshe eliholwa nguMnuz Collins Chabane onguNgqongqoshe ehhovisi likaMengameli, uNgqongqoshe uNathi Mthethwa wamaPhoyisa, Nksz Suzan Shabangu wezokuMbiwa, Nkk Thandi Modise onguNdunankulu waseNorth West, Dkt Nkosazana Dlamini-Zuma onguSihlalo we-AU, Nkk Bathabile Dlamini wezokuThuthukiswa koMphakathi, Mnuz Richards Baloyi wezokuBusa nokuBambisana nabanye ukubhekana nodaba lwesibhicongo saseMarikana.

UMengameli unxuse nabamabandla ukuthi basebenzisane nohulumeni ukudala ukuthula kuleli.

Ukusho lokhu nje udaba lwaseMarikana seluphenduke ubuzwe njengoba kubonakale ebesifazane bemasha bephethe izingqwembe ebezibhalwe ukuthi uNgqongqoshe uNathi Mthethwa uthe amaphoyisa “akabulale” amaXhosa kuphela kule mayini.

Isibhicongo saseMarikana sesingene emlandweni njengoba sesibalwa nezinye ezenzeka ngobandlululo.

Phakathi kwazo kubalwa i-Sharpeville Massacre ka-1960 okwafa kuyona abangu-69, Boipatong ka-1992 okwafa-45, Leliefontein ka-1902 okwafa-32, Bisho ka-1992 okwafa-29, Shell House ka-1994 okwafa-19, kube yiLonmin 2012 okufe-44 neMsinga 2012 okufe abayisishiyagalombili.