Umunyu iJaji lihlola indawo yesigameko

Comment on this story
no Copy of ND Zakwe 6 INLSA ITHIMBA laseNkantolo eNkulu eThekwini ebelihambisana neJaji elibambile uKessie Naidu ngesikhathi liyohlola indawo okwabulawelwa kuyona uNksz Noluthando Zakwe noMnuz Sbahle Buthelezi, e-Avoca Hills. Isithombe: ZANELE ZULU

BAWINILE NGCOBO

KUVUKE umunyu emndenini wephoyisa lase-Avoca Hills elabulawa likhulelwe nomyeni walo ngesikhathi iJaji elibambile elisingethe icala lokubulawa kwabo liyohlola indawo yesehlakalo.

IJaji elibambile uKessie Naidu, izolo ngesikhathi sekufanele akhiphe isigwebo ecaleni likaZwelihle Hamilton Gumede (33) uthe kubalulekile ukuthi inkantolo iye endaweni yesigameko iyobheka ukuthi abafi babulawa kanjani.

UGumede walahlwa ngamacala okubulala umzala wakhe, uMnuz Sbahle Blessing Buthelezi, owayesebenza esiteshini samaphoyisa eGreenwood Park nengoduso yakhe, uNksz Noluthando Zakwe, owayeyiphoyisa esikhumulweni semikhumbi eThekwini ngo-Ephreli nyakenye, abadutshulwa emgwaqweni ongenela kwaZakwe.

UNaidu ukhale ngokuthi kulukhuni ukukhipha isigwebo esifanele kuleli cala ngoba uGumede akazange angene ebhokisini ukuze aziphendulele kwezinye izinsolo.

“Obekukhulunywa enkantolo bekuyizinto eziqagelwayo noma okufuniselwayo ngazo ngokubulawa kwabafi. Ukungabizwa kofakazi uma sekudingidwa isigwebo esinganikwa ummangalelwa yikhona okwenza kube nzima ukuthi ngikhiphe isinqumo esifanele,” kuchaza uNaidu.

Ngesikhathi ithimba lasenkantolo ebeliholwa nguNaidu, umshushisi uNick de Klerk nommeli kaGumede uMnuz M Ntshangase, izisebenzi zasenkantolo noGumede lifika endaweni yesehlakalo kuvele kwavuka umunyu kunina kaNksz Zakwe nezinye izihlobo ebezikhona zaze zacelwa ukuthi ziqhele kancane kule ndawo ithimba lenkantolo ebeliyihlola.

Sekuphindelwe enkantolo uNaidu uchazele abebekhona ngabebeyokuhlola kanti ube esebiza uchwepheshe ohlola lapho kwenzeke khona izigameko uConstable Siyabonga Mtshali obechaza ngokuthi kwakunegazi esihlalweni semoto kaButhelezi ngasohlangothini lomshayeli, leli gazi laliselisha lingakomi.

Uthe akathathanga izinsalela zaleli gazi ukuze ayohlola ukuthi ngelomunye yini wababeshonile ngoba babevele bebabili abantu ababeshonile esetsheliwe ngamaphoyisa ayekhona ukuthi kwakwenzekeni.

UNaidu uthe akulula ukuthi uvele ukhiphe isinqumo kalula kuleli cala.

Uthe ngokomthetho njengoba uNksz Zakwe kwakunezinkomba zokuthi wayebaleka ngesikhathi edutshulwa ethangeni nasekhanda, kumele umsolwa athole udilikajele ngoba kubukeka sengathi wayengaba ngumuntu owayezoba ngufakazi ngalesi sehlakalo.

Uthe uGumede akafakazanga asho okwakuyimbangela yokubulawa kukaNksz Zakwe obekuzokwenza kube lula uma isikhipha isigwebo.

UNaidu uthe isigwebo sakhe uzosikhipha ngoLwesihlanu.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.