Umunyu kuxolisa iziboshwa emindenini

Comment on this story
no rich

NONTUTHUKO NGUBANE

IZIBOSHWA ezidonsa izigwebo zeminyaka ngamacala okubulala nodlame eRichmond eminyakeni edlule izolo zithole ithuba lokuxolisa emindenini yababulawa ejele iNew Prison, eMgungundlovu, ngesikhathi kwethulwa uhlelo lokuxolelana okokuqala kuleli jele.

Kube nomunyu nosizi ngesikhathi iziboshwa zizivumela ukuthi zenza la macala ngenhloso futhi zisebenzisa isihluku.

Phakathi kwalezi ziboshwa bekukhona noSandile Dlamini oxolise emndenini kaMnuz Sfiso Nkabinde owayengumholi we-UDM owabulawa ngo-1999.

“Akukhona okokuqala ngixolisa kodwa ngiyaphinda namuhla ngoba ngifuna bazi ukuthi ngiyazisola ngento engayenza. Ubhuti uSfiso waboshwa ngenxa yamacala akhe kodwa wabuye wadedelwa yinkantolo. Thina sahlela ukumbulala, saphuca umndeni ubaba nelungu lawo. Ngiyazisola ngesenzo sami. Sengihlale iminyaka engaphezu kuka-14 ejele akumnandi neze kodwa ngiyakwazi kahle okwangibeka la,” kusho uSandile.

Unkosikazi kaNkabinde uNkk Nonhlanhla Nkabinde uthe yena ubaxolele bonke abahlasela umyeni wakhe njengoba eseke washo esikhathini esidlule.

no rich3

“Namhlanje ngizofakazela ukuthi ngabaxolela ngempela laba bafana. Abanye babo sebengaphandle manje ngoba ngababhalela izincwadi ezaya ebhodini likashwele ngisho ukuthi abakhishwe. Engikufunayo nje wukuba zonke izingane zaseRichmond zizwane, iphele nendaba yesihlava sakudala ngoba okwenzeka kwenziwa obaba bazo, zona kazingene,” kusho uNkk Nkabinde.

Yize iziboshwa zixolisile kodwa kube nesikhalo ngezinto eziningi ezingakalungiswa eRichmond.

Phakathi kwezinto umphakathi okhale ngazo yintelezi nezikhonkwane okwasebenza ngesikhathi sodlame nabafuna kugezwe ukuze kuphele udlame kuleya ndawo njengoba kubhoke izigameko zokugwazana.

UMnuz Paulus Vezi owayeyikhansela le-IFP kule ndawo uzivumele yena ukuthi ubalwa kwababephaka impi kuleya ndawo kodwa manje okubalulekile wukuba kubuyiswane ukuze ithuthuke.

Ezinye iziboshwa eziboshelwe amacala okudlwengula namanye athathwa njengayingozi nazo zithole ithuba lokuxolisa emindenini.

UThulebona Jali wakwaSwayimane owaboshelwa ukudlwengula intombi yakhe eyayingaphansi kweminyaka ngaleso sikhathi ukwabathole ukuxolelwa nguMnuz Thokozani Dladla.

no rich2 UMNUZ Mthembeni Khuboni owayengomunye weqeqebana likaSifiso Nkabinde ucele uxolo emphakathini ngokudubula alalise uwacwa kubantu abayisishiyagalolumbili belelwe iqembu le-UDM. UKhuboni uthe okubahlaza kakhulu muva nje beyiziboshwa ukuthi sekudlwengulwa nogogo abadala ngaphandle nathe bayalwisana nalesi sihlava. Group

Ecela uxolo uthe uyazi ukuthi wayimosha impilo yowadlwengulwa “ayemhalela ngoba eyintombi nto” wathi ufuna azi ukuthi uyazisola.

Lolu hlelo lokucela ukuxolelwa kweziboshwa lwenziwa okokuqala kuleli jele eliseMgungundlovu kanti seluzoqhubeka zinyanga zonke.

USfiso Zulu osanda kuthola ushwele wasebenzisa lolu hlelo waxolisa emindenini eyahlukumezeka ngenxa yengozi ayenza.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.