FANELESIBONGE BENGU
UMCULI owazakhela udumo ngokunqoba umncintiswano ama- Idols SA ngo-2013, uMusa Sukwene, uthe ubefuna ukuthatha isikhathi sakhe ngaphambi kokukhipha enye i-albhamu ukuze ezodedela esezingeni eliphezulu.
NgoLwesihlanu lo mculi waseMpumalanga udedele i-albhamu yakhe yesibili iMr Serious. Njengamanje isatholakala ezitolo kanti ku-iTunes izotholakala ngoLwesihlanu.
Ukhipha le albhamu nje, eyokuqala wayikhipha ngo-2014 okuyiyona aqokelwa ngayo kumaMetro FM Music Awards emunxeni weBest Newcomer.
“Bengifuna ukuthatha isikhathi sami ngithole izinto engizobhala ngazo ngiphinde ngakhe ubudlelwane nabantu abehlukene njengoRobbie Malinga engisebenze naye kakhulu kule albhamu. Ngiqale ukusebenza kuyo ngoNovemba wonyaka odlule kanti ngipike uNtsika weThe Soil, Cuebur, Riky Rick no-Andy Boi,” kusho uMusa.
Uthe le albhamu, egabe ngengoma ethi Mthande ayishaya noRobbie okuyiyo esiqalile ukudlala emsakazweni, ihluke kakhulu kunendala.
“Izinsimbi zakhona siziqophe bukhoma nebhendi. Yi-albhamu emnandi epholishiwe eshaya ngesigqi se-Afro pop. Ngikhuluma ngothando ngoba nami nginothando oluningi yize ngisafuna ukuthola umuntu engizothi ngowami,” kusho uMusa.
Uthe njengoba ngedlule waqokwa kumaMetro FM Music Awards kodwa wangawina, ngale ufuna ukuwola izindondo ezahlukene futhi idayise ubuthaphuthaphu.
Uthe isihloko sayo siqhamuke kudlalwa. “Kwakuyihlaya ngoba abantu babengibona engathi angiwubambi umshini kanti angiyena lowo muntu. Ngikhululekile kodwa angihleki uma sekuziwa ngasemsebenzini wami.”
Uveze ukuthi ukuba kuma- Idols kwamsiza kakhulu ngokuthi aziwe.
“Ngafunda nezinto eziningi ngemboni yomculo. Ukunqoba ama- Idols akusho ukuthi umsebenzi sewuphelile kodwa yilapho uqala khona.
“Kumele usebenze kanzima. Okungichazayo ngama- Idols manje wukuthi izinga sebelinyusile kakhulu futhi umculo wasekhaya sebeyawunaka ngoba abantu abaningi bacula wona,” kusho uMusa othe njengoba ebenyamelele ubecula emicimbini yezinkampani ezizimele.
Uphethe ngokuthi uma ufuna ukucula kumele ukholelwe kwithalente lakho futhi uzimisele.