Gallo Images
ISITOBHA seLamontville Golden Arrows uJoseph Musonda uthi uzimisele ngokumela iZambia eNdebeni yoMhlaba eBrazil ngo-2014
UJOSEPH Musonda ubenemidlalo engu-99 eqenjini lesizwe laseZambia ngaphambi kokuthi yena nozakwabo banikele enkundleni emdlalweni cishe obumkhulu kunayo yonke asebeke bayidlala, owamanqamu e-Africa Cup of Nations (Afcon).
Sekuwumlando ukuthi uMusonda nozakwabo bahlula izethenjwa i-Ivory Coast baphakamisa le ndebe enkulukazi e-Afrika okokuqala emlandweni weZambia.
Kodwa ayengakulindele lo mdlali weLamontville Golden Arrows wukuthi konke lokhu kwakuzokwenzeka engaphandle njengoba aphuma kusadlalwe imizuzu cishe eyishumi.
UMusonda (34) wathinteka iqakala onyaweni lwesokunxele evimba ibhola elibi le-Ivory Coast kwabe wukuphela kwayengakwenza ukusiza ezakhe ukuphumelela lo mdlalo, waphuma esexhuga ekhihla isililo.
“Ngangingakhaliswa wubuhlungu bokulimala kodwa ngavukwa wumunyu ngoba lona yiwona mdlalo engikade ngawulangazelela kusukela ngiqala ukudlala ibhola. Kwakuwumdlalo wami ka-100. Ngangibona ukuthi sinethuba lokuba ngompetha. Ngangifisa ukuthi nami ngibe womunye walabo ababe negalelo kulokho,” kusho uMusonda ohamba ngezinduku, odokotela abathi kungenzeka ahlale amasonto ayisithupha.
“Empilweni yami bengihlezi nginesifiso sokuthi mhla ngiyeka ukudlala ezingeni lomhlaba ngibe ngizuze okuthile. Ngiyajula ngokuthi kwenzekile njengoba senginayo indodo ye-Afcon.”
UMusonda othi akakazimiseli ngokuwabeka ethala emakhokho usefisa ukuthi bakwazi ukungena eNdebeni yoMhlaba ka-2014 eBrazil.
“Ngithemba ukuthi ngizolulama maduze ngikwazi ukudlala uma sesihlungela iNdebe yoMhlaba. Mhlawumbe uma sengidlale kuyona ngiyobe sengicabanga ngokuzibeka phansi izintambo,” kusho yena.
IZambia izodlala neSudan, Ghana, neLesotho kweyokuhlunga eqala ngoJuni kanti usihlalo weZambian Football Association, uKalusha Bwalya, ukuqinisekisile ukuthi iluliwe inkontileka yomqeqeshi owine i-Afcon uHerve Renard, isizophela ngo-2014.
Lo mdlali, obengukaputeni we-Arrows ngaphambi kokuthi ibhande linikwe uThanduyise Khuboni, ukhombisile ukuthi uyawuhlonipha umsebenzi wakhe kuleli qembu laseThekwini njengoba enza kuChipolopolo.
Ubengahlala ekhaya angabuyi kodwa uthe efika ngoLwesihlanu olwedlule wanikela ekhempini eyohlangana nozakwabo ebebelungiselela umdlalo weligi neSuperSport United.
“Kimina akusho lutho ukuhlala ebhentshini, okubalulekile wukuhlanganyela eqenjini, ngikhuthaze abadlali abancane abathola ithuba lokudlala. Ngihlezi ngibatshela ukuthi uma umqeqeshi ekunika ithuba lokudlala kufanele uzitshele ukuthi uzolisebenzisa ngoba yibona abayikusasa leqembu,” kusho uMusonda.
I-Arrows izobhekana neBlack Leopards emdlalweni we-Absa Premiership eKing Zwelithi Stadium ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.
|
|
Services
Comment Guidelines