SPHELELE BUTHELEZI noMCEBO MPUNGOSE
U YISE womfundi oyincithabuchopho ezifundweni zomthetho waseShowe osefunda e-Oxford e-England, uthi ukhathazekile ngokwenziwe yindodana yakhe emasontweni amabili edlule.
UNtokozo Qwabe, okumanje uqhuba izifundo zakhe ngomfundaze weMandela Rhodes Scholarship kulesi sikhungo esibalwa nezihamba phambili emhlabeni, ususe umsindo echitha uweta omhlophe ethi ngeke amthiphe ungakabuyiswa umhlaba wokhokho ngabamhlophe.
Lokhu kuholele ekutheni agxekwe abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana kwazise lokhu wakudumisa ekhasini lakhe ku-Facebook.
“Awukwazi ukulungisa okubi ngokubi. Ngithuke kakhulu ngezinto engizifunda ngendodana yami. Angikalitholi ithuba lokukhuluma naye ngendlela aziphathe ngayo ngoba uhlala kude, akangithinti njalo ngoba kuyabiza. Ngifuna ukuhlala phansi naye ngimtshele ukuthi usemncane futhi udinga ukulandela imigudu efanele uma kukhona anganeme ngakho,” kusho uMnuz Felokwakhe Qwabe ekhuluma ne Sunday Tribune.
Ngeledlule, iqembu elibusayo i-ANC, lijoyine abantu nezinhlangano eziningi esezigxeke uQwabe ngesenzo sakhe sokubhalela lo weta ethi ngeke amkhokhele ithiphu umhlaba wakuleli usasezandleni zabamhlophe.
UQwabe wathatha isithombe sesiliphu ayebhale kuso lo myalezo wasisabalalisa ku-Facebook lapho achaza khona ukuthi wazishaya isifuba esebona u-Ashleigh Schultz echiphiza izinyembezi.
“Wabona le ncwadi waqhaqhazela, wasishiya wachiphiza izinyembezi zabamhlophe njengenhlalayenza,” kubhala uQwabe owayese-Obz Café eKapa nozakwabo ababehola naye umkhankaso weRhodes Must Fall.
UQwabe uqhuba athi lo wesifazane wabikela omunye uweta wesilisa omhlophe, naye owafika ‘esemchiphizela izinyembezi’ ekhala ngokucwaswa.
“Akusho lutho ukuthi yena uqobo unawo umhlaba noma akanawo. Hambani niye kwabanye abantu abamhlophe nibahlanganise nithole indlela enizosibuyisela ngayo umhlaba,” usho kanje.
UQwabe ugxekwe abantu abaningi ku-Facebook, ikakhulu basemazweni aphesheya okumanje kunezinhlangano ezimbili eziqoqa iminikelo yokuxhasa u-Ashleigh kwazise kuvele ukuthi usebenza njengoweta ukuze akwazi ukusiza unina wakhe ophethwe umdlavuza.
Izolo ntambama u-Ashleigh ubesenikelelwe imali engaphezulu kuka-R100 000. Kuphinde kwafakwa isicelo esibhaliwe sokuthi akhishwe eNyuvesi i-Oxford uQwabe kodwa ngeledlule iziphathimandla zenyuvesi zisichithile lesi sicelo. Zibeke isizathu sokuthi wonke umuntu unelungelo lokukhuluma ngokukhululeka ngisho nangezinto ezibucayi.
NgoMgqibelo ekhasini lakhe ku-Facebook uQwabe uqale umkhankaso wakhe omusha, iThe Land Redistribution Movement of South Africa.
Kuzokhumbuleka ukuthi uQwabe ungomunye wabafundi ababephambili empini yokususwa komfuziselo kaCecil Rhodes e-University of Cape Town ngokunjalo nase-Oxford.