.
UBABO noSgwili abashiye izethameli zifuna impinda
NOKUBONGWA PHENYANE
UVEZE ikhono lakhe ebelingagqamile uSfiso Ncwane ngesikhathi eshumayela egqugquzela abantu abathandanayo ngesikhathi kunedili lomculo wokholo eMpangeni obuwenziwe ngenhloso yokukhombisa abantu besifazane ukuthi babaluleke kanjani njengoba kunguFebhuwari, inyanga yothando.
Lo mcimbi ubungoLwesihlanu ebusuku ehholo Imbizo kuleli dolobha. abantu besifazane, okuyibo abebebaningi, bahambe bephethe umphako walo lonke uhlobo. UNcwane akagcinanga ngokucula kodwa unikeze abantu abashadile nabathandanayo amasu abangawasebenzisa emishadweni yabo noma ekuthandaneni kwabo.
USfiso, oqhulule amanoni akhe afana noPhakama Nkosi yeZulu, Ngiyabonga Baba nethi Ingakho ngicula, nguye ovale inkundla kulo mcimbi obuzinyaziswe ngabanye abaculi njengoSgwili noBabo, Abanqobi nezinsizwa esezizakhele igama emculweni wokholo uNathi noNkanyiso baseMngungundlovu.
Lo mcimbi, okucishe kwasa ekuseni uqhubeka, ubuhlelwe nguNick Nzama oyimenenja kaSgwili noBabo.
“Sijabule kakhulu ukuthi senze umcimbi onjengalona. Ziningi izinhlelo esinazo njengoba sinobudlelwano obusha nalaba baculi abala namhlanje.
U SFISO Ncwane uveze ikhono lakhe lokuyala abantu abathandanayo ngesikhathi kunekhonsathi yothando eMpangeni ngoLwesihlanu
Group
“la sizohambela izindawo eziningi ukuze abantu sibakhombise uthando njengabantu nezinsizwa emculweni wokholo,’’ kusho uNzama.
Uthe nabo bayathanda ukuthi bakhumbuze abantu ukuthi kumele bathandane, yingakho benze lo mcimbi.
Iqembu labaNqobi nalo elishiye abantu befuna impinda njengoba lezi zinsizwa esezikhombisa ukukhula kakhulu ziqhulule amanoni azo athandwa kakhulu nelihlanganisa elithi Ngiphe Baba Udondolo.
|
|
Services
Comment Guidelines