MCEBO MPUNGOSE
U NDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Senzo Mchunu, usegqugquzele ukuthi kusetshenziswe umcimbi i-Africa Day Concert kujatshulelwe isinqumo esithathwe yiSABC sokudlala u-90% womculo wakuleli kuyo yonke imisakazo yawo.
Umcimbi ozobe ukusasa eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre ngo-6.30 ebusuku ugabe ngabaculi bakuleli kuphela, okubalwa kubo umrepha uCassper Nyovest, DBN Nyts, Kyle Deutsch noSherkinah ( Back to the Beach).
“Undunankulu usishayela ihlombe lesi sinqumo sokwenyuswa kwephesenti lomculo wakuleli emisakazweni yeSABC. Njengoba kugujwa usuku lwama-Afrika kumele nalesi sinqumo sishayelwe elikhulu ihlombe ngoba siqhakambisa umculo wakuleli,” kusho okhulumela uNdunankulu, uMnuz Ndabe Sibiya.
Uthe uNdunankulu angathanda futhi ukubona kufakwa iphesenti elilodwa lomculo wakwamanye amazwe ase-Afrika ngoba iyona ndlela okungakhiwa ngayo ubumbano nabantu bakwamanye amazwe. Kulo mcimbi kulindeleke izikhulu zikahulumeni nabaholi boMkhandlu weTheku.
UNdabe uqhube wathi konke sekumi ngomuno ngalo mcimbi. Ephawula ngohlu lwabaculi abazonandisa kulo mcimbi uthe banethemba lokuthi luzoheha kakhulu abantu abasha.
Amathikithi aseyatholakala eComputicket.