UNdunankulu ukhuza udlame ezimayini

Comment on this story
no Copy of ST Lonmin mine_033 . ABABHIKISHI begcwele emayini iLonmin eMarikana, eNorth West la sekufe khona abantu abangu 9 kubangwa udaba lwamaholo kule mayini. Isithombe: Tiro Ramatlhatse

INTATHELI YESOLEZWE

undunankulu waseNorth West, uThandi Modise, usenxuse ukuba kuphele ukungqubuzana okuhambisana nodlame okwenzeka emayini iLonmin, eMarikana.

“Sinxusa ukuthi kube nobumbano, kubuyelwe etafuleni kuxoxwe,” usho kanje uNdunankulu uModise esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba.

UNdunankulu uModise udlulise amazwi enduduzo emindenini yabantu abayisishiyagalolunye abashone ngesikhathi kuqubuka izidubedube kule mayini ngoLwesihlanu.

Kwabashonile kubalwa amaphoyisa amabili, onogada ababili, ababhikishi abathathu namanye amadoda amabili.

“Akumele kusebenze amandla, ubudlova, kuze kube nezenzo eziwukwephula umthetho ukuze kuphumelele izingxoxo zamaholo embonini yezimayini,” kusho uNdunankulu.

Uqhube wathi unethemba lokuthi kuzotshalwa amanye amaphoyisa azozoqapha isimo kule ndawo ukuze kube nozinzo.

Udlame oluqubukile luyamaniswa nokungaboni ngaso linye okuphakathi kwamalungu eNational Union of Mineworkers (NUM) nawe-Association of Mineworkers and Construction Union (Amcu), okubikwa ukuthi abhekene ngeziqu zamehlo abanga ukuba ngo-ngqo shishilizi ekuphathweni kwezimayini zendawo.

Okhulumela iCongress of the People (Cope), uPapi Kganare, unxuse izinyunyana ezilwayo nemayini iLonmin ukuba ziluxazulule ngokuthula lolu daba.

“ICope ayihambisani nalezi zenzo ezinodlame ezenzeka ezimayini,” kusho uKganare.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.