Ungalokothi uziphaqule uma usuphuthuma

Comment on this story
NO TRUELOVE5 . ULERATO Tshabalala weTrue Love (kwesokunxele) noNthato Mashishi betshengisa abesifazane ukuthi bangazisebenzisa kanjani iziphaqulo

LUNGI LANGA

Yize iningi labesifazane seliya ngokuzijwayela izitayela zesimanje futhi liyangokuhambisana nezemfashini kodwa kusekhona umuntu wesifazane okumuzwe ethi hhayi mina ngeke ngilunge eziphaqulweni, zenzelwe abathile kuphela.

Lokhu kuyinto abangayikhuthazi ongoti futhi bayakuhlaba ukuthi umuntu athi kukhona okungeke kwamfanela yena.

UNthato Mashishi owaziwa ngokunakekela ubuso bosaziwayo abafana noBonang Matheba weLive nabanye uchushise abesifazane ngokuzicwala emcimbini obuhlelwe yiTrue Love ngokubambisana nenkampani ekhiqiza iziphaqulo i-Elizabeth Arden.

UMashishi uthe kuyisidala ukucabanga ukuthi ukuzicwala ubuso kufanele abakhangisi bengqephu noma abalingisi bethelevishini kuphela.

“Ukuziphaqula okwanoma ngubani futhi akumele abesifazane bakwesabe.

NO TRUELOVE0 UNthato Mashishi ekhombisa indlela eqondile yokuziphaqula. Isithombe: BONGANI MBATHA .

“Abantu bakusebenzisela izinto ezahlukene ukuziphaqula kepha engikwaziyo ukuthi kuyindlela yokukhuphula ukuzethemba nokwengeza ubuhle bakho,” kusho uMashishi.

Uthe iphutha labaningi ukuthi abaziphaquli ngendlela.

“Umuntu uzifaka indathane yeziphaqulo ngoba esheshisa ejahe ukuya emsebenzini noma emhlanganweni. Uthi uma esemhlanganweni abone ngabantu sebemjamele nje engazi ukuthi bamangazwa yilokhu abakubona ebusweni bakhe hhayi ngoba belalele akukhulumayo,” kusho uMashishi.

Uthe iphutha elikhulu kubo ukuziphaqula sebejahile ngoba kwandisa amathuba okwenza amaphutha futhi kubabukanise nabantu.

Okunye athe kudala inkinga ukufaka isiphaqulo kakhulu lapho uzicwala. Lokhu akusoze kwalungela muntu ofuna ukubukeka kahle.

“Ekuqaleni ngithe kuningi okungenza umuntu afune ukusebenzisa izinto ezifana ne-foundation, abanye banamabala angasasuki ebusweni okudala bafune ukuwamboza ngayo. Ngisho kunjalo asikho isidingo sokuthi isale isiba ugqinsi noma ibe amakhekheba ebusweni,” kuqhuba uMashishi.

UNksz Lerato Tshabalala weTrue Love uthe kubalulekile ukuthi abesifazane bahlinzekwe ngolwazi lokuzinakekela. Uthe bazoqhubeka nokuvakashela abesifazane njengoba lo mcimbi uzoya ezindaweni ezifana neLimpopo, Bloemfontein nasePort Elizabeth.

Nakhu okumele ukugweme uma uziphaqula:

n Ukufaka i-foundation eningi.

n Ukunganakekeli amabhulashi owasebenzisela ukuziphaqula.

n Ukuziphaqula ujahile.

n Ukusebenzisa amathuluzi omunye umuntu okuziphaqula njengamabhulashi nokunye.

n Ukusika amashiya bese uwadweba ngedlela engahambisani nokuma kwawo.

n Ukufaka isiphaqulo ngendlela engeyona ikakhulukazi i-foundation.

Indlela yokusebenzisa iziphaqulo:

n Uma uqala ufaka i-foundation yiqale ngaphansi kwamehlo, kungaba ezihlathini bese unyuka nayo ugcine ngesiphongo.

UMashishi uthe abaningi benza iphutha lokuqala ngesiphongo okwenza kugcine sesibukeka siphashile kunezinye izindawo ebusweni.

n Bheka i-foundation ehambisana nebala lakho. Ungathi unebala elinsundu udumele i-foundation ekhanya kakhulu kunawe.

n Kugweme ukususa amashiya uma ungenaye umuntu omethembayo ongakwenza lokhu.

n Kubalulekile ukuba nesihlanza buso esikhuculula udoti ebusweni.

n Gcina amabhulashi okufaka isiphaqulo ehlanzekile ngaso sonke isikhathi.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.