NGENXA yokuthi abantu abaningi bathembele endleleni yokwelapha yabelaphi bendabuko, kuvele ukuthi kungaba nobungozi ukusebenzisa imishanguzo yaseNtshonalanga ngesikhathi esisodwa neyendabuko.
Iqhaza abalibambayo, kubalwa nalelo labaholi bamabandla ezenkolo, lidingidwe kabanzi engqungqutheleni yamazwe edingida ngegciwane lengculazi i-International AIDS Conference, izolo.
UMosa Moshabela, onguSosayensi eNyuvesi yaKwaZulu-Natal, wenze ucwaningo ngomphumela wokuhlanganisa izindlela zokwelapha zendabuko nezaseNtshonalanga ekulweni ne-HIV.
“Kunokuqagula ukuthi ukwelapha kusetshenziswa izindlela ezingaphezu kungaba nomthelela ongemuhle empilweni yesiguli. Kepha kunobufakazi obuqanda ikhanda ngokwanda kwabantu abaphila negciwane lengculazi emazweni ase-Afrika abalwa nalesi sifo ngendlela yaseNtshonalanga kanjalo nangeyabelaphi bendabuko kanyekanye,” kubeka uMoshabela.
Uveze lokhu ngokunikeza amava eziguli abantu abanalesi sifo nezindlela abazisebenzisayo ukuthiba lesi sifo, nokuhlaluke ukuthi abantu abaningi basebenzisa izindlela ezingaphezu kweyodwa.
Kubhekwe nezinga lempilo kulaba abasebenzisa lolu hlelo lokwelashwa.
Uthe ukusebenzisa lolu hlelo lokwelashwa kungayidala inkinga.
UCarolyn Audet wase-Vanderbilt University e-United States of America ocwaningweni lwakhe alwenze eseBushbuckridge kuvele ukuthi kumele bubhekwe kabanzi ubudlelwano phakathi kwesiguli nabelaphi bendabuko.
“Abelaphi bendabuko badlala indima ebalulekile ukunikeza ukunakekela kwezempilo emazweni aseSub-Sahara ye-Afrika ngenxa yokwamukeleka kwabo. Kwezinye izingxenye zakuleli zasemakhaya, izinkomba ziveza ukuthi abantu basebenzisa izindlela zasentshonalanga nezendabuko okwenza kube nemiphumela engemihle ekwlashweni kwalesi sifo.
“Ukuqala ukusebenzisa izindlela zendabuko zokwelapha ube usuvele ususebenzisa imithi yasentshonalanga, kungabambezela ukululama kumuntu ophila nalesi sifo,” kusho u-Audet.
Ithimba lakhe lithole ukuthi abelaphi bendabuko ngesikhathi socwaningo bebuzwa baveze ukuthi ngaphambi kokwelapha abantu babathumela emitholampilo ukuyohlolelwa leli gciwane.
Uma umuntu uzinqumela yena ukwelashwa ngokwendabuko. Babe sebebahlukanisa izigaba ezimbili – kuba yilabo abanamasosha (CD4 Count) angaphansi kuka-350 nalabo abanangaphezulu.
“Iziguli ezinamasosha aphansi kuphela ezithunyelwa emuva emitholampilo ukuze zithola imishanguzo,” kuchaza u-Audet.
USinazo Nomsenge waseStellenbosch, ocwaningweni lwakhe kuvele ukuthi umlando weHIV emazweni asezansi ne-Afrika uxhumene nenkolo.
“Amabandla ezenkolo nabaholi bezinkolo abadumile yibona ababehamba phambili ekulweleni amalungelo abantu abaphila nalesi sifo.”
Izinhlangano zomphakathi ezinakekelayo bezihamba phansi kwemigomo yezenkolo. Inkolo igcizelela ukuziphatha kahle kanjalo nokungazibandakanyi nezocansi isikhathi singafiki.