LUNGI LANGA noCELANI SIKHAKHANE
A MAQEMBU aphikisayo esiShayamthetho saKwaZulu-Natal asole i-ANC ngokuzikhalisa ngodaba lokufa kwabantu basehostela laseMlazi iGlebelands, ngesikhathi ibalisa ngokushona kwekhansela layo kuleli hostela, uNksz Zodwa Sibiya.
Indaba yaleli hostela idingidwe kabanzi esiShayamthetho izolo. Amaqembu akhala ngokufa kwabantu akuchaze ngokuthi sekuphume esandleni.
Balinganiselwa ku-62 abantu asebebulewe mayelana nodlame lwaseGlebelands kusuka ngo-2014.
IPhini likaSotswebhu we-ANC, uNksz Nontembeko Boyce, uthe sekwanele manje ngokufa kwabantu ehostela eGlebe futhi sebefisa nokwazi ukuthi yini lena eyenza ababulali abasuke besoconge abaholi baKhongolose bagcine ngokungaboshwa.
“Siphonsa inselelo kuNPA nasemaPhoyiseni ngokuthi sekwanele manje, asifuni uZodwa Sibiya abe yingxenye yohlu lwabaholi bethu asebebulewe kodwa kungaboshwa muntu. Sifuna umthetho uthathe indawo yawo sibone ababulali beboshwa futhi bejeziswa kanzima. Ngikusho lokhu ngoba sinabaholi abafana noWiseman Mshibe, Sbu Sibiya, Nhlakanipho Shezi, Wandile Mkhize, ababulawa kodwa kuze kube namhlanje abakaze batholakale ababulali babo,” kusho uNksz Boyce.
Uthe engakaqedi i-EFF yamngena emlonyeni ithi i-ANC iyazenzisa izikhalisa samuntu ozwa ubuhlungu ngokufa kwabantu eGlebe nabaholi bayo ngoba ayikaze izwakale ikhuluma kanje.
UMnuz Mxolisi Kaunda, we-ANC, uthe uMnuz Vukani Ndlovu, we-EFF, kumele ayofakwa ohlelweni lokuqeda intukuthelo, wathi indaba yaseGlebe iyalungi-swa kodwa abantu abadingekayo kuyo ngabahlali okumele bazibophezele ngokuthula.
UNdlovu uthe yinqwaba yabantu asebebulewe eGlebelands kodwa akukaze kuzwakale i-ANC ibalisa ngale ndlela.
“Sihlalo, imbi le nto eyenziwa yi-ANC ukuthi idlale ngosizi lomndeni wakwaSibiya ngoba sekushone uKhansela uZodwa, yenze sengathi izwa ubuhlungu ekubeni izikhalisa izinyembezi zengwenya. Bangaki abantu asebefile kodwa ingazwakali ikhuluma kanje? Lokhu bakwenza ngoba kuza ukhetho sebekhankasa ngokufa kukaKhansela uSibiya. Baningi abaholi be-ANC asebeshonile njengoWandile Mkhize kodwa asikaze sinizwe nibalisa nikhuluma ngoNPA namaphoyisa ukuthi kungani engababophi ababulali bakhe,” kusho uNdlovu.
UMnuz George Mari weDA uthe kumele kusolwe i-ANC ngokufa kwabantu abangu-62 eGlebelands ngoba akukho ekwenzayo njengoba sekuze kwabulawa nekhansela.
Ongungoti kwezodlame nezindaba ezithinta ukusebenza kwamaphoyisa, uNkk Mary de Haas, usole amaphoyisa ngokuqhubeka kokubulawa kwabantu eGlebelands.
Uthe amaphoyisa ayehluleka ukuphuca abantu izibhamu kodwa ayakwazi ukubangenela ezindlini abaphuce utshwala.
UNkk De Haas uthe amaphoyisa asanda kubopha abalisa asebebadala ngoba ethole amakesi kabhiya endlini yabo ngesikhathi esesha izindlu zabahlali.
“Abantu ababulala abantu bayabonakala bephethe izibhamu futhi nawo amaphoyisa ayabikelwa ngalokhu kodwa lezi zibhamu azitholakali. Amaphoyisa ayehluleka ukuthola izindlu ezinabantu abanezibhamu ukuze abaphuce zona kodwa ayakwazi ukuthola ezinamakesi obhiya,” kuveza uDe Haas.
NgoMsombu-luko abahlali basehostela babhalele uphiko lwenhlangano yezizwe i-United Nations Human Rights Commission befuna lungenelele ukunqanda ukubulawa kwabantu kuleliya hostela.
UDe Haas, ongomunye wabazwelana nabahlali behostela, uthe sebezama noma yini engasiza kodwa bayazi ukuthi i-UN inezimo eziningi eziphuthumayo ezibhekile okubalwa kuzo izimpi emazweni afana neSyria, Somalia namanye.
Uthe bayazi ukuthi kuzothatha isikhathi ukuthi bathole impendulo kuyona, wathi benzela nokuthi udaba lwakuleli hostela luphume ngaphandle kwakuleli, lwaziwe wumhlaba wonke.