Advertisement
logoSections

Unikela ingxenye yomcebo uMotsepe

INJINGA kasomabhizinisi ophinde abe ngumnikazi weqembu eligijima kwi-PSL, iMamelodi Sundowns, uMnuz Patrice Motsepe, uqophe umlando kuleli ngesikhathi ememezela ukuthi uzonikela ngengxenye yomcebo wakhe kubantu abampofu kuleli.

“Sifuna ukwakha isisekelo sokuthi wonke umuntu wakuleli azizwe enza umehluko. Angigcizelele ukuthi izinselelo ziningi, angeke sikwazi ukuziqeda zonke kodwa imali ezonikelwa angeke yenele,” kusho uMotsepe.

USOMABHIZINISI uMnuz Patrice Motsepe nowakwakhe uNkk Precious Motsepe, besesithangamini nabezindaba lapho bememezele khona ukuthi bazonikela ngengxenye yomcebo wabo kwabampofu. Isithombe: DUMISANI DUBE. Credit: Dumisani Dube

Uthe labo abaphumelele kubalulekile ukuthi basize labo abeswele.

“Angeke sivumele ukuthi umphakathi ulambe sikhona,” kusho uMotsepe ongumsunguli noSihlalo wenkampani yezimayini i-African Rainbow Minerals.

UMotsepe nowakwakhe uDkt Precious Moloi banqume ukunikela ngohhafu walo mcebo wakhe kwiMotsepe Foundation ukuze kusizakale abahlwempu.

Bahlose ukuthi ngokwenza lokhu abatshali zimali bazokwazi ukuba nethemba.

Uthe umndeni wakhe unqume ukujoyina iGiving Pledge eyasungulwa ngusozigidi uWarren Buffet nesikhwama sikaBill Gates nowakwakhe uMelinda iMicrosoft egqugquzela imindeni ecebile emhlabeni ukuthi inikele ngengxenye yengcebo yayo kulabo abahlwempu.

UNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga, ongomunye wabebekhona, uthe isikhwama sikaMotsepe yisona esixhasa kakhulu abahlwempu ezweni.

UMotsepe uthe umnikelo uzoya kubantu abakhubazekile, abahluphekayo, abesifazane nentsha, abasebenzi nakubantu abasezwenikazi i-Afrika nasemhlabeni wonke.

Le njinga enobudlelwano obuqinile ne-ANC noMengameli wayo uMnuz Jacob Zuma, isanda kukhipha u-R500 000 ngesikhathi kunesidlo sakusihlwa se-ANC ebesihambisana nokugubha iminyaka engu 101 le nhlangano yasungulwa eThekwini.

SHOW ALL
Advertisement