UNtshongwana uyawaphika amacala

Comment on this story
no Copy of NM AXEMAN3 INLSA Owayengumdlali weqembu lebhola lombhoxo wamaBlue Bulls, uJoseph Ntshongwana, esenkantolo eNkulu yaseThekwini izolo lapho ewaphika wonke amacala ayisishiyagalolunye abhekene nawo. Isithombe: SIBUSISO NDLOVU

SIMPHIWE NGUBANE

OWAYENGUMDLALI weqembu lombhoxo, amaBlue Bulls, uPhindile Joseph Ntshongwana Junior (35), uwaphike wonke amacala ayisishiyagalolunye okukhona kuwo namane okujuqa abantu ngembazo.

UNtshongwana, osaziwa “ngendoda yembazo”, ubevele eNkantolo eNkulu yaseThekwini izolo ngamacala amane okubulala, amabili okuzama ukubulala, elokudlwengula, elokuthumba nelokushaya ngenhloso yokulimaza. wonke umbuso uthi uwenze phakathi kuka-2010 nonyaka odlule.

Umsolwa utshele iJaji u-Irfaan Khalil ukuthi akawazi wonke amacala athweswe wona okubulala. Kuvungame abangani nezihlobo zabashona abebegcwele inkantolo ngesikhathi ummeli kamsolwa, u-Advocate Themba Mjoli, efunda umbiko wokuhlolwa kwengqondo owenziwa uSolwazi AE Gangat oveza ukuthi umsolwa wayexinwe yisifo sokuphanjanelwa wumqondo ngesikhathi sezigameko asolwa ngazo ethi lokhu kuzofakazeleka uma kuqhubeka ukuqulwa kwecala.

“Lesi sifo senzeka ngokushesha ngakho umuntu onaso uvukwa ufufunyane nolaka aphanjanelwe yingqondo ngokushesha bese enza izinto ezingaqondakali futhi eziyingozi. Lokhu kuyenzeka uma ngabe esukelwa uthole ukuthi useyalimaza,” kusho uMjoli.

Uthe engakaligwinyi uMjoli kwavuka umunyu nosizi enkantolo sekufakaza uMnuz Peter Gauldie noGildred Donnelly bechaza abakubona ngobusuku bangoMashi 20 nyakenye ngesikhathi kuhlahlelwa ngembazo kuze kuhlukane ikhanda uMnuz Thembelenkosini Cebekhululu eMontclair.

Bobabili ofakazi bathe abambonanga ebusweni umuntu owagila le migilingwane kodwa bachaza ukuthi kwakuyindoda eyondlekile eyisidlakela okomuntu odlala ibhola lo mbhoxo, iyinde igqoke ibhulukwe, isikibha nekepisi eliyiKangol konke okumnyama.

Bathe yayishaqisa indlela okwakuhlahlelwa ngayo ikhanda likaCebekhulu umzimba ubhampisa okwebhola etiyeleni eceleni komgwaqo kangangoba abakwazanga ngisho ukuma endaweni yesigameko kodwa bahlaba umkhosi bebiza abantu namaphoyisa ukuthi bazosiza. Ngokusho kwabo umsolwa washaya wachitha ngemoto eSilver Grey engakafiki amaphoyisa.

Abanye ababulawa ngoMnuz Paulos Hlongwa waseLamontville, Simon Ngidi kanye nendoda isidumbu sayo esatholwa budebuduze nalapho kuhlala khona uNtshongwana emgwaqweni uSandpiper Street, eYellowwood Park, sesiqala ukonakala.

Isidumbu satholwa eduze kukajantshi wesitimela ngomkhondo wenja kaMnuz Paul Kirk ongufakazi. uthe sasihlahlelwe ikhanda, sesiqala ukonakala futhi selisemaqakaleni ibhulukwe likamufi. Okushaqe inkantolo wukuthi le ndoda ibulawe ngo-Ephreli ngonyaka odlule kodwa imininingwane yesitatimende samaphoyisa esikhomishiniwe size senziwa kule nyanga. lokhu kwenze uMjoli watshela ijaji ukuthi ubufakazi obaqoqwa amaphoyisa obuhlanganisa uNtshongwana naleli cala buyasolisa.

Icala liyaqhubeka.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.