Gallo Images
USAKHALA namanje uThomas Sweswe osezodlalela iBidvest Wits ngendlela achithwe ngayo yiKaizer Chiefs engalindele. Isithombe: GALLO IMAGES
MINENHLE MKHIZE
IBUHLUNGU inhliziyo kaThomas “Rambo” Sweswe ngokushiya iKaizer Chiefs ebisesehliziyweni yakhe njengoba ejoyine iBidvest Wits asesayine nayo inkontileka yeminyaka emithathu.
USweswe ufakwe ohlwini lwabadlali abangasadingeki eNaturena ngemuva kokuthi leli qembu lilande u-Eric “Tower” Mathoho, Morgan “Mr Reliable” Gould noSiboniso “Pa” Gaxa.
Emasontweni edlule uSweswe uke wamataniswa neBlack Leopards obekubikwa ukuthi usesayine nayo inkontileka yeminyaka emithathu engazi yena. Nokho watshela leli phephandaba ukuthi akazi lutho mayelana nokudayiswa kwakhe kwazise yena ubesasalelwe yinkontileka yeminyaka emibili neChiefs.
Ethintwa yiSolezwe izolo akazange akufihle ukuthi kumphathe kabi ukushiya Amakhosi kodwa waziduduza ngokuthi impilo iyaqhubeka.
“Kuthusile ukufakwa ohlwini lwabadlali abangasadingeki kuChiefs. Bekukuningi ebengisafisa ukukuzuza neqembu ngoba bengilithanda ikakhulukazi abalandeli. Ngithukile impela ngoba ngidlale kahle kwaze kwaba wukuthi ngiyalimala. Ayikho nokho into ebengingayenza uma iChiefs ithi ayisangifuni. Kube nzima ukwamukela ukuthi sengiyahamba ngoba bese ngijwayele kodwa-ke impilo iyaqhubeka ngoba sengingumdlali weWits. Abalandeli ngizobakhumbula kakhulu,” kusho uSweswe.
Nabalandeli bebesamthanda lo mdlali nokufakazelwe ukuthi bebemvotela kubadlali abazodlala kuCarling Black Label Cup ne-Orlando Pirates ngoJulayi 28.
KuChiefs, ayijoyine ngo-2009, udlale imidlalo engu-59 washaya igoli elilodwa alingqofele ngekhanda bedla iMamelodi Sundowns ngesizini edlule. Eqenjini lesizwe langakubo eZimbabwe usabonakale amahlandla angu-13.
KuWits uzobanga ijezi noMbulelo “Old-John” Mabizela, Derrick “Guru” Spencer, Siboniso “Jomo” Gumede no-Aaron “Mbazo” Mokoena okulindeleke ukuthi atheleke kuleli qembu kungekudala.
Ebuzwa ukuthi kwenzekeni kuLeopards obekubikwa ukuthi uzosayina nayo uthe: “Bengingagculisekile ngabebekubeka etafuleni ngase ngikhetha ukuhoxa ukuyodlala kubona. IWits iqhamuke nokungcono ngase ngikhetha yona. Ngifuna ukubabonga ngokukholelwa kimina njengoba bengisayine ngilimile. Namanje angikalulami ngokugcwele kodwa kuzoshaya isikhathi sokuqala kwesizini sengiwumqemane,” kusho uSweswe.
IZitshudeni zisanda kulahlekelwa ngumqeqeshi wazo uRoger de Sa ofake incwadi yokusula kuleli qembu. Kunamahlebezi okuthi iWits isemizamweni yokuzitholela uPitso “Jingles” Mosimane obeqeqesha iBafana Bafana njengoba uGavin Hunt, naye oke wamataniswa neZitshudeni, ezihlangulile kulo msebenzi.
Kuyimanje iWits ibophele abadlali abasezingeni eliphezulu okubalwa kubona oMatthew Pattison, Mokoena, Tinashe Nengomashe noTlou Molekwane.
“Uma ngibheka abadlali ababoshelwe yiWits sizokwazi ukulwela isicoco seligi noma okungenani sinqobe indebe eyodwa. Sibophele abadlali abanesipiliyoni kanjalo nabadlali abasebancane. Lokhu kuzokwenza kube nzima ukushaya iWits. UMbazo uza nesipiliyoni sakhe sobuholi eqenjini. Seneme sonke ngokubuya naye eqenjini,” kubeka uSweswe.
“Angithandi ukuphawula kakhulu ngendlela engichithwe ngayo kuChiefs ngoba mhlawumbe nabo yindlela abenza ngayo izinto. Bengifunda emaphepheni ngiphinde ngitshelwe ngabangani bami baseGoli ukuthi angiseyena umdlali weChiefs.”
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services