Uphawule ngezindaba zakwakhe oKhozini

Comment on this story
NO_Tshatha0 INLSA UKHATHIDE Tshatha Ngobe uthi kungcono abantu bafunde ngokuthi uhambile kwakhe kunokuthi usedubule unkosikazi. Lapha wathathwa komunye umcimbi edansela abalandeli bakhe. Isithombe: SANDILE MAKHOBA

BONISWA MOHALE

UDABA lwezinkinga ezikhona emshadweni womsakzi woKhozi FM, uKhathide “Tshathugodo” Ngobe nomkakhe, uNkk Nontobeko Ngobe, uMaKhuzwayo luzobhungwa ngabadala basebandleni labo ngoMgqibelo nokuyilapho kulindeleke ukuthi kuphume isinqumo sokuthi bayaqhubeka yini nomshado noma bayehlukanisa.

Ngokuthola kweSolezwe kulindeleke ukuthi lo msakazi nomkakhe bahlangane nabadala bebandla abakhonza kulo Ofakazi BakaJehova, ukuze kuzodingidwa udaba lwabo.

Ngokwenqubo yebandla, uma kukhona ophingille emshadweni, kumele bahlukanise ngokulandela izwi elingcwele.

Ekhuluma neSolezwe odabeni olushicilelwe izolo, uTshatha uthe unobufakazi bokuthi uMaKhuzwayo ubeneshende elize lamkhuleliswa futhi wakhipha isisu.

Izolo lo msakazi ubekhuluma ohlelweni loKhozi Fm ohlelweni lukaSgqemeza oluthi Sekunjalo Drive nokuyilapho ethe lolu daba olwemindeni yabo.

Uthe kukhona lapho luzobhungwa khona kodwa akacacisanga ukuthi yisebandleni na.

Eqhubeka uthe kungcono kabi akwenzile ukuthi aphume ahambe emzini wakhe futhi akulona ihlazo kunokuthi amdubule umkakhe nathi kungayihlazo kakhulu.

Ebuzwa ukuthi ngabe uhlekisa ngodaba luka-Oscar Pistorius yini, uthe yena akangene lapho ukhuluma ngodaba lwakwaNgobe.

Ngokusho kukaTshatha izintatheli zibhale okungesilo iqiniso ngoba yena uzitshele okunye zona zabhala okuthandwa yizo, yize kunjalo akavumanga futhi akaphikanga ukuthi unabo ubufakazi obekubhalwe ngabo odabeni lwayizolo.

Eziphendulela mayelana nokuthi usekipitile emsakazweni uthe: “Ngabe inenhlanhla bo leyo ntombazane engingayithola ngoDisemba bese ngiyokipita nayo ngoFebhuwari. Ngisazinze eLindelani okwamanje.”

UTshatha noMaKhuzwayo bashade ngo-2011 umshado ohlanganisa amafa.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.