Uphikelele esicongweni uBongo Riot

Comment on this story
no riott . UMCULI uBongo Riot uthi ukugunda kwakhe imiyeko kube ngenxa yesicelo asithole kumama wakhe

BANINGI abazibuza ngephimbo elikhulu elizwakala engomeni okucula kuyona phambili uZahara edlalwa ubuthaphuthaphu emisakwazeni eyahlukene kulezi zinsuku. Empeleni sikhuluma ngengoma kaMphikeleli Zungu (33) odume ngoBongo Riot esihloko sithi Thetha Nami nethi Saka Leyena enesigqi somculo wasentshonalanga ne-Afrika. Le nsizwa eqopha ngaphansi kwe-TS Records ayisiyo umafikizolo emculweni njengoba kade iyilungu leqembu lomculo iGang of Instrumental (GI). URiot ohlala KwaThema, eGoli uthi ukubonakala kwakhe esegundile njengoba abeyaziwa ngemiyeko akusho ukuthi usengomunye umuntu. U-SIHLE “Ngeney’ntwen” MKHIZE uthathe leli thuba waba nengxoxo naye.

Yini ekwenze wanquma ukuyishaya phansi imiyeko obusujwayeleke ngayo?

Eqinisweni umama wami owazikhalela wathi ucela ngiyigunde ukuze angibone njengoba nginjalo kwazise bese kunesikhathi eside nginayo. Nami ngamhlonipha ngayigunda.

Nibangaki kwenu?

Siyishumi, mina ngingowokugcina owokuqala mhlawumbe uneminyaka engu-60. Abazali bethu kuqala bebengadlali, bebewandisa umuzi akufani nezikhathi zanamhlanje (ehleka).

Kule albhamu yakho i-I Am African uzwakala sengathi usilaxazile isigqi se-reggae obusuwaziwa ngaso, uwubiza ngasiphi isigqi lo mculo osuwushaya manje?

Lo mculo ngiwubiza nge-urban pop, i-reggae angiyilahlile. Mina ngiwumuntu okwaziyo ukuzijwayeza umculo ongafani, yingakho nje ungizwa ngicula lolu hlobo manje.

AmaRasta njengabanye abantu abebekulandela kakhulu awuboni ukuthi sengathi ubashiye dengwane?

Okumele bakwazi ukuthi emculweni kuyakhulwa futhi nemakethe iyashintshashintsha. Yebo wona akhona athi ngiwajikele kodwa akusilo iqiniso lokho.

Uyawusebenzisa umthunzi wezinkukhu?

Nakuba ngikholelwa ezintweni zesintu, kodwa cha bhuti, angiwusebenzisi umthunzi wezinkukhu. Empeleni ngikhonza e-ZCC ngingumKristu.

Njengoba usucula wedwa ngabe kusho ukuthi sekuphelile nge-GI?

Cha, into eyenze sahlukana okwesikhashana wukuthi abanye bethu bagxila emkhakheni wezethelevishini namafilimu, mina ngabekezela la emculweni. Kodwa ngingakuqinisekisa ukuthi ngonyaka ozayo sizokhipha siyiqembu.

Banjani abesifazane ukuziwela kuwena?

Mina ngihlukile ngigcina ngokubajabulela nje kuphela. Angifani nabanye abasebenzisa ithuba lokuthi bakhonzwe abalandeli bese bebashela noma baluthe labo abafisa ukungena emculweni ngoba befuna ukufeza izinhloso zabo.

Yikuphi ukudla ozifela ngakho?

Ngidla inhlanzi njengoba ngikhuluma nawe nje ngingena e-Ocean Basket. Angizilokothi ezinye izinhlobo zenyama.

Ezicathulweni ugqoka muphi usayizi, ngabe unesitolo esithile sezimpahla okanye ungena noma yikuphi?

Ngigqoka usize-12 ezicathulweni kodwa ezalapha eNingizimu Afrika ziyangimpintsha kuze kube ngcono ezakwamanye amazwe. Esitolo sezingubo ngikhonze izimpahla zakwa-Europa Art.

Sesiphetha, umculo wakho utholakala nini kwi-internet?

Ngithembisa ukuthi noma kanjani ngesonto elizayo uzobe usutholakala.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.