UPhindi useyilindele iComrades

Comment on this story
no phindigule . USEKULINDELE ukugijima kwi-Comrades Marathon umsakazi weGagasi 99.5 uPhindi Gule. Isithombe: Sithunyelwe

NONTUTHUKO NGUBANE

USEBALA izinsuku umsakazi weGagasi 99.5 FM ozobe egijima iComrades Marathon okokuqala ngqa kulo nyaka.

Lo mjaho odonsa amehlo uzosukela eMgungundlovu uphele eSahara Kingsmead Stadium, eThekwini, ngoJuni 3.

UPhindi Gule oshayela uhlelo i-AM to PM Quest kwiGagasi noma eqala ukugijima kulo mjaho kodwa akanalo noluncane uvalo ngawo.

“Izinsuku sezisondele impela, sengiyalehlisa nezinga lokuzivocavoca. Ngigijima amabanga amafishane manje kunaphambilini. Ngesonto elizayo ngizobhucabhuca umzimba ukuze ngibe sesimeni esikahle. Ngingasho nje ukuthi sengiyilindele iComrades,” kusho uPhindi.

Abanye osaziwayo abalindelekile kwiComra-des kulo nyaka nguKabelo Mabalane wodumo lwe-TKZee osejwayelekile kulo mjaho, noVuyo Mbuli weMorning Live ukukha phezulu.

UPhindi uthe okumhlaba umxhwele ngeComrades nokwenza wakhetha ukuyingenela yindlela ohlanganisa ngayo abantu bazo zonke izinhlobo.

“Engikuthanda ngeComrades wukuthi ingenelwa yiwo wonke umuntu. Akusho lutho ukuthi ungubani, wenzani, uphumaphi. Ungaba yiphoyisa, unogada, umsebenzi wasekhishini noma ngudokotela. Nonke nihlanganiswa yinjongo eyodwa, ukuba niqede umjaho wenze nabangani abasha endleleni. Ukuwina akubalulekile kakhulu,” kusho uPhindi.

Le ntokazi ithe iComrades ibaluleke kakhulu kuyona njengoba ifuna ukuhlonipha ubaba wayo ngayo, owabulawa yisifo senhliziyo.

UPhindi ogijima eqenjini elilodwa nompetha weComrades, uStephen Muzhingi kwiFormula 1 Bluff Meat, ukubeke obala ukuthi kuyamgqugquzela ukubona abantu abafana nalo mpetha bekwazi ukugijima beze befike lapho kuphela khona umjaho.

UPhindi akayena umgijimi osezingeni eliphezulu kodwa uthe uthole uthando olusha ngoba umqondo uyakwazi ukukhululeka emuva ‘kokushaya’ umgwaqo.

Uzophinde agijime kwi-Spar Ladies eba minyaka yonke eThekwini, kulo nyaka uzoba ngoJune 24.

Amalungiselelo akhe akhombisa ukuhamba ngendlela.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.