Advertisement
logoSections

UPhiyega akayibheke eyabalimi – AfriForum

UKHOMISHANA omusha wamaphoyisa, uRiah Phiyega (osesithombeni), kumele abeke phambili udaba lokubulawa kwabalimi emapulazini, ngokusho kwe-AfriForum.

Ngaphezu kwalokhu le nhlangano elwela amalungelo abalimi ifuna uPhiyega asungule uphiko oluyisipesheli oluzobhekana ngqo nokuphepha emakhaya. Lokhu kuvezwe yiPhini lesikhulu esiphezulu kwi-Afriforum, u-Ernst Roets, esitatimendeni esikhishwe izolo.

Riah Phiyega. Credit: INLSA

“Asisho ukuthi lokhu kumele kubekwe ngaphezulu kokunye ukubulawa kwabantu. Kodwa iqiniso lithi kunesibalo esikhulu sabalimi ababulawayo uma kuqhathaniswa nesibalo sabantu ababulawa ezweni lonke,” kusho uRoets.

Uthe bahlela ukuhlangana noNgqongqoshe wezamaPhoyisa, uMnuz Nathi Mthethwa, kanye naye uPhiyega njengoba njengamanje besahlanganisa umbiko ngokuhlaselwa kwabalimi emapulazini. Ngenyanga edlule kube nokuhlaselwa okuhlukene kwabalimi. Owesifazane oneminyaka engu-57 uhlaselwe waphangwa imali engaziwa epulazini lakhe iLichtenburg, eNorth West, kwabuye kwahlaselwa owesifazane nomnyeni wakhe asebekhulile epulazini elise-Ladysmith.

SHOW ALL
Advertisement