Uphunyuke emlonyeni wengwenya

Comment on this story
no nogqazu . UTAKULWE eseqhaqhazela engakwazi nokukhuluma uZama Vilakazi oyakulwe ekuqaleni kwempophoma (lapho kukhomba khona umcibisholo kwesobunxele) emuva kokuzama ukuziphonsa phansi eHowick Falls enezigigaba zokuziphonsa kwabaningi kuyona. URonnie Ndlovu ofake ezabahlengi nguye obambe lo wesifazane wabuya naye kunzima njengoba kubonakala kwezinye izithombe eselekelelwa amaphoyisa nabanye. Izithombe: S'bu Mfeka

NONTUTHUKO NGUBANE

INGXABANO nomfowabo omdala iholele ekutheni owesifazane waseHowick akhethe ukuqeda ngempilo yakhe ngokuziphonsa empophomeni okungayi lubuyayo luyo kwaNogqaza eHowick kodwa wahlengwa abezimo eziphuthumayo.

UNksz Zama Vilakazi (27) kunezinsolo eziqinile zokuthi ubesekhathele yimpilo yokuhlukunyezwa ngumfowabo uMduduzi abemvulele icala lokushaya.

Lo wesifazane uhlale isikhathi esingaphezu kwehora esicongweni sale mpophoma edume njengendawo okuzibulala kuyo labo abasuke bengasafuni ukuphila.

UMnuz Ronnie Ndlovu (39), osebenza kwabezimo eziphuthumayo ohlenge impilo yalo wesifazane uthe ubelokhu ekhala ngoMduduzi kodwa ehluleka ukuchaza kabanzi ngaye.

“Ngesikhathi sizama ukuphuma emanzini, akekho obekhulumisa omunye. Sonke besimangele. Ngimbuzile ukuthi bekwenzenjani kodwa wangathanda ukukhuluma. Ubelokhu ephimisela igama likaMduduzi. Bengizitshela ukuthi yisoka lakhe kodwa ngibuye ngathola ukuthi ngumfowabo,” kusho uNdlovu.

Copy of no nogqazu [1] UTAKULWE eseqhaqhazela engakwazi nokukhuluma uZama Vilakazi oyakulwe ekuqaleni kwempophoma (lapho kukhomba khona umcibisholo kwesobunxele) emuva kokuzama ukuziphonsa phansi eHowick Falls enezigigaba zokuziphonsa kwabaningi kuyona. URonnie Ndlovu ofake ezabahlengi nguye obambe lo wesifazane wabuya naye kunzima njengoba kubonakala kwezinye izithombe eselekelelwa amaphoyisa nabanye. Izithombe: S'bu Mfeka INLSA

Okuvelile emuva kwalesi sehlakalo wukuthi uZama ubeye enkantolo eyosula icala lokushaya abelivulele umfowabo ngenxa yokuthi unina obazalayo ubefuna bakhumelane umlotha kodwa le ntokazi ingakuzwa kahle lokho.

Ngokomlando, abekho abasindayo uma beke baziphonsa kule mpophoma.

Baningi abantu okuzwakala ukuthi baziphonsa kuyona uma bexakwe yizinkinga nokwenze yaze yaduma ngokuthi yilapho abantu bephumula khona.

“Bengingazicabangi mina ngesikhathi ngingena emanzini ngiyohlenga lo wesifazane. Ngikhohlwe yizingane zami nempilo yami ngilwela ukuhlenga umphefumulo. Sekukaningi ngiza lapha ngizolanda izidumbu. Bengingafuni ukuba kungiphinde osekwake kwangenza,” kusho uNdlovu onezingane ezimbili.

UZama kubikwa ukuthi unengane eyodwa eneminyaka emithathu.

Kuthintwa isibhedlela iNorthdale lapho elaliswe khona, ongumxhumanisi kulesi sibhedlela uMandisa Dlamini uthe odokotela basamgcinile kodwa uyalulama.

“Usesimeni esihle kakhulu, uyalulama ngokushesha. Asikwazi ukukudalula okunye kwabezindaba.

“Angazi ukuthi uzophuma nini esibhedlela ngoba lokho kuzoba yisinqumo sikadokotela,” kusho uNksz Dlamini.

Abaningi abahlala kule ndawo bayazi ngezigigaba zokuziphonsa kwabantu abasuke benezinkinga empilweni.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.