Advertisement
X

UPhuzekhemisi wodumo usezoba wumhleli wemicimbi

S’BU MASANGO

UMCULI kamaskandi uZibokwakhe Mnyandu odume ngelikaPhuzekhemisi usezosheba umculo nokuhlela imicimbi yawo.

UPhuzekhemisi utshele Isolezwe ukuthi uhlela uMdoni Music Festival ozokuba ngoDisemba 16, eScottburgh eningizimu yeKwaZulu-Natal.

Uthe inhloso yokungena kulo mkhakha yingenxa yokuthi abantu abahlela imicimbi abazi lutho ngomculo kanti benjalo nje bayabaqola.

“Ngihlela umcimbi ohlanganisa abaculi abehlukene ngisho nabamhlophe imbala. Le festival izoba nazo zonke izinhlobo zomculo ezithandwa abantu abamnyama nabamhlophe. Kuzobe kukhona ngisho amaqembu abamhlophe,” kusho lo maskanda.

Uthe izodonsa abantu abaningi abaqhamuka ezindaweni ezahlukene nezinhlanga ezahlukene.

Ukuqinisekisile ukuthi izoba minyaka yonke, uthe abaculi abazocula kule festival ngabadumile bakuleli kanti eminye imininingwane izotholakala ngokuqhubeka kwesikhathi.

Ukhuluma kanje uPhuzekhemisi usezinhlelweni zokungena estudiyo eyoqopha ngoJulayi.

Uphinde wathi usazoqhubeka nomaskandi.

SHOW ALL
Advertisement