UProfessor udube ukucula eMgababa

Comment on this story
NO MGABABA1~1 Group U DJ Lesouja ebabulala ngegqomu emcimbini wobumnandi obuse-Mgababa

FANELESIBONGE BENGU

UMCULI wekwaito oshisa izikhotha kulezi zinsuku, uProfessor, udube ukucula kwiMgababa New Year’s Picnic ngenxa yokunqamuka komsindo.

UProfessor, oshisa izikhotha nge-albhamu yakhe ethi The Orientation, egabe ngezingoma okubalwa kuzo ethi Finger Prints nethi Baphi, udube ukucula ngenxa yokunqamuka komsindo esesiteji.

Umsindo unqamuke lo mculi, owangena emculweni beyiqembu iT’zozo en Professor, ubesashaye izingoma ezimbili. Uze wamemeza uT’zozo ohlela lo mcimbi okwake kwaduma ukuthi abasazwani.

Nakhona sebesesiteji bobabili umsindo ubungalungi.

Abantu abebesajabulela umculo kaProfessor bavele bamemeza bethi: “Professor, Professor, Professor.”

NO MGABABA2 U- MJ we- Generations uhlanyise izinkumbi zabathandi benjabulo Group

Kuthe noma umsindo usulungile kodwa lo mculi akabange esabuyela esiteji. kuvele kwaqhubeka uDJ Mono-T abasesitebeleni esisodwa naye, iKalawa Jazmee Records.

Bekunokwesabela ukuthi abantu ngeke befike ngenxa yemvula kodwa lokho akwenzekanga njengoba bekugcwele abantu bengayizweli.

Njengoba lo mcimbi ubugubha iminyaka eyisithupha wasungulwa futhi uhanjelwa nayizinkumbi zabantu, ezokuphepha beziqinile.

Ubuthi usaqhamuka kude ubone ngezigansonso zonogada futhi namaphoyisa enkanise yonke indawo.

Abahleli balo mcimbi, uT’zozo noTate, bebehla benyuka beqalaza ukuthi yonke into ihamba kahle yini.

Abantu bakuthokozele ukubona abalingisi bomdlalo owuchungechunge iGenerations. Laba balingisi bekungoMenzi “Ngamla” Ngubane, Melusi “Phenyo” Yeni no-Anga “MJ” Makubalo.

NO MGABABA3~1 U MENZI Ngubane no Melusi Yeni be Genarations Group

U-Anga ubuye abe wumculi kanti uma esecula ubizwa ngoNaak MusiQ.

Ugibele esiteji washaya ingoma yakhe noDJ Sbu ethi Qina kwahlanya abantu.

Omunye umculi abamthokozele kube nguShota obeshaya izingoma zakhe ezidumile nezigiijima ngesigqi se-electro.

Phakathi kwabanye abaculi abebekhona ngoPhuzekhemisi, Thokozani Langa, Malini, Magroovees, Sbo Da Poet, DJ Rhini, Teargas, Zakwe nabanye abaningi.

Lo mcimbi ubuxhaswe yiSolezwe, uMasipala weTheku, Gagasi FM, Tate’s Kasi Grill neDurban Tourism.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.