FANELESIBONGE BENGU
UMCULI we-kwaito izingoma zakhe ezintathu ezisohlwini lwezingoma ezingu-10 okuzokhethwa kuzo ingoma ezohlukanisa unyaka kuKhozi FM uthe udidekile ukuthi yiyiphi okumele idle umhlanganiso. UProfessor usohlwini loKhozi FM ngengoma ayishaya noSdudla noMathousand ethi Nguye Lona napikwe kuyo wuDJ Naves noSphectacula i KOTW Anthem nekaHeavy K acula kuyo noMpumi ethi Umoya.
“Ngididekile ukuthi yiyiphi engiyithanda okudlula ezinye engifuna kube yiyo ehlukanisa unyaka. Kodwa ngiyethemba ukuthi zontathu zizoba yizingoma eziphambili ohlwini,” kusho uProfessor othe ubonga uNkulunkulu.
Lo mculi akuqali ukuthi igama lakhe livele kathathu ezingomeni ezingu-10 ezihamba phambili kuKhozi. Ngo-2010 ngemuva kokukhipha i-albhamu yakhe eyedwa wahlukanisa ngethi Jezebel, kwathi Ijimaphi le weight ne Moto zaba kwezingu-10 eziphambili.
Ukuvota sekuqalile kanti kuyoze kuvalwe ngo-1 emini ngoDisemba 31. Ukuvota uthumela iSMS ethi 33126 kanti iSMS ngayinye ibiza uR1. Imenenja yezokumaketha kuKhozi FM, uMu Ngcolosi, iveze ukuthi izingoma ezingu-10 zikhethwa emizuliswaneni emithathu. Uthe kuvota abasakazi, kubhekwe ku-computer ukuthi yiziphi izingoma ezidlala kakhulu emsakazweni bese nabalaleli bevota. Selulonke uhlu lumi kanje:
A: Black Coffee ft Nakhane Toure - We Dance Again
B: Heavy K ft Professor & Mpumi - Umoya
C: DJ Merlon ft Mondli Ngcobo - Ubugingqigingqi
D: Nathi - Nomvula
E: Emtee - Roll Up
F: Professor ft Sdudla noMathousand - Nguye Lona
G: Sphectacula & Naves-ft Professor Ngicishe Ngafa/KOTW Anthem
H: Big NUZ ft Durban’s Finest - Tsege Tsege
I: Umjikijelwa - Ngiyaqhisha Ngiyaqholosha
J: Thobekile - Wonderful Day