INLSA
URingo Madlingozi uzodlala izingoma zothando eCity Hall eThekwini ngoFebhuwari 17. Isithombe: Matthews Baloyi
FANELESIBONGE BENGU
“SONDELA s’thandwa sondela…”
Lezi ngezinye zezinhlamvu zenoni lesihlabani somculo we-Afro-jazz uRingo Madlingozi okulindeleke ukuthi aliqhulule kule nyanga yothando njengoba ezonandisa ku-Valentines Music Concert eThekwini, ngoFebhuwari 17.
URingo usezakhele olukhulu ugazi kubalandeli be-jazz enezinhlamvu zothando kwazise ushiya izithandani zifuna impinda uma esezicula.
Kule khonsathi yomculo ezoba seCity Hall nezoqala ngo-7.30 ebusuku, uRingo uzoshiyelana inkundla nensizwa esiphenduke iphupho lawo wonke owesifazane ngenxa yokwakheka komzimba nephimbo layo, uShota.
Ngaphandle kukaShota kuzobe kuboshelwe nentokazi eshaya umculo we-afro jazz, uMelody.
Umgqugquzeli wale khonsathi, uXolani Majozi, uthe bafuna kufike abantu abadala nentsha kule khonsathi yingakho belande uRingo noShota.
“URingo uthandwa ngabantu abathandanayo ngenxa yezingoma zakhe ezikhuluma ngothando. Ubani ongakhohlwa le ngoma ethi Kumi Nakumi? UShota yena ngakolunye uhlangothi abesifazane bayazifela ngaye ngenxa yezingoma zakhe nomzimba,” kusho uXolani.
Uthe ngisho abantu abangenabo ophathina bamukelekile ngoba “kuzobe kuvunguza umuzwa wothando eCity Hall”.
“Ungafika uhamba wedwa, kwazi bani, ungathi uphuma ngemuva kwekhonsathi uphume usuthole uphathina,” kusho uXolani ngokuncokola.
Uveze ukuthi amathikithi aseqalile ukutholakala e-computicket kanti abiza u-R150 umuntu ngamunye.
UShota usevele useqalile ukuvunguzisa umoya wothando njengoba namhlanje ezobe eculela izintokazi kuphela e-Afro Lounge, eThekwini.
|
|
Services