isolezwe1
isolezwe-2
isolezwe-3

Usagqunywe esitokisini osolwa ngokudlwengula isalukazi (94)

Comment on this story


no rp

.

Khulekani Ndlela

UNQATSHELWE ibheyili umsolwa obhekene necala lokudlwengula ugogo oneminyaka engu 94 endaweni yakwaSwayimane emasontweni amathathu edlule.

UKhulekani Ndlela (osesithombeni) uvele enkantolo yase-New Hanover izolo ezofaka isicelo sebheyili kodwa sachithwa. Ngokusho kwabe-National Prosecuting Authority icala libe selihlehliselwa u-Agasti 28 ukuze kunikwe abaphenyi esinye isikhathi sokuqhuba uphenyo.

Lona wesilisa oneminyaka engu 28 kuthiwa wabhozomela ugogo ngesikhathi eyongena endlini yakhe ngoJulayi 23.

Udaba lokudlwengulwa kwalona wesifazane lwathinta izwe lonke njengoba nezinhlangano ezilwa nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane, izingane nabantu abakhubazekile zakuhlaba.

Emuva kwalesi sigameko kuphinde kwadlwengulwa abanye ogogo ababili esifundazweni saKwaZulu-Natal ezigamekweni ezihlukene.

EWartburg kwadlwengulwa omunye ugogo olinganiselwa eminyakeni engu 82 ngendlela efanayo. Kwesinye isehlakalo ugogo olinganiselwa eminyakeni engu 62 wadlwengulwa kwaDambuza eMgungundlovu maqede wabulawa.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.